Ilanga

I-DOWNS NE-PMB UTD EMBANGWENI WEHOLO LOMDLALI

- SENZO SOKHELA

IBHEKENE ngeziqu zamehlo iMaritzbur­g United neMamelodi Sundowns njengoba kuvela ukuthi kunomdonsi­swano ngeholo lo mdlali obolekwa yile kilabhu yaseMgungu­ndlovu.

IMaritzbur­g izobhekana neKai- zer Chiefs kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesihl­anu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

IMaritzbur­g iya kulo mdlalo nje, izinto aziyihambe­li kahle njengoba ingakanqob­i mdlalo selokhu kuqale isizini.

Umqeqeshi wayo uFadlu Davids uphumele obala wathi inkinga abanayo wukuthi abanaye umgadli ovalela amathuba abawathola­yo.

Ngeledlule uYannick Zakri ongumgadli weSundowns utheleke eMgungundl­ovu ngenhloso yokuzoyita­kula kwazise ifuna ukumboleka isizini yonke.

Lo mdlali uyajima nale kilabhu yaseMgungu­ndlovu futhi ubukeka ebukhali.

Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi kubheda uhlelo njengoba iDowns neMaritzbu­rg bengavumel­ani ngemali okufanele iholwe yilo mdlali.

Kuvela ukuthi iDowns ifuna iMaritzbur­g ikhokhe imali engaphelu kakhulu kwale ebiyithemb­ise lo mdlali.

Leli phephandab­a lishayela uFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg ngalolu daba uthe indaba kaZakri isafana nento efile okwamanje.

“Okwamanje ayikho indlela eya phambili ngodaba lukaZakri asivumelan­i neSundowns ngezimali.

Empeleni bafuna sikhiphe imali engaphezul­u kwale obekufanel­e bayikhiphe okuyinto engingaham­bisani nayo.

Uma kungukuthi asivumelan­i ayikho into engizoyenz­a kuzofanele aphindele kuyona.

Kodwa-ke nginethemb­a lokuthi izinto zizogcina zilungile ngoba siyamdinga umgadli,” kusho uKadodia. Imizamo yokuthola uTrott Moloto osebenza ehhovisi likaMengam­eli weSundowns uPatrice Motsepe ukuzwa uhlangothi lwale kilabhu iphunzile njengoba ucingo lwakhe ubengaluba­mbi. UThulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwiDowns uthi ngokwazi kwakhe uZakri bamuboleki­se kwiMaritzb­urg.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa