Ilanga

DKT NHLAKANIPH­O GUMEDE

- UDkt Nhlakaniph­o Gumede uyiChief Executive Officer ePholela Clinic. Ungaxhuman­a naye ngeemail ethi: admin@drgumede.com

Kuyenzeka ukuthi i- prostate cancer ube nayo kodwa wena ungaboni ngisho uphawu olulodwa. Kubaluleki­le ukuba sazi ukuthi uma ngabe sesibona izimpawu kuyilapho lesi sifo sisuke sesihambe khona kakhudlwan­a.

Mhlawumbe izimpawu ongaziqaph­ela kungaba yilezi:

Umchamo ungaphumi ngendlela elindeleki­le, kube lukhuni uze ukhanule ukuze kuzophuma umchamo noma ngabe isinye sigcwele.

Ukuvuzelwa umchamo esithweni sangasese. Ukuchama uchamo onegazi. Ubuhlungu bamathambo. Okubalulek­e kakhulu yikho phela ukuba singalindi size sibe nezimpawu zomdlavuza wendlala kuyima sesiya emtholampi­lo siyothola usizo.

Kunama- test enziwayo asohlelwen­i lwezempilo. Uma uya emtholampi­lo noma esibhedlel­a sikahulume­ni kawukhokhi ngisho isenti, uhlolwa mahhala kanti

uma uya kudokotela wakho wangasese kungaba nemali oyikhokhay­o ukuhlolelw­a umdlavuza we-prostate.

Uhlelo luqhakambi­sa ukuba indoda eneminyaka engu-40, enomlando wokuba nabantu ababili kubo (uyise noma umfowabo kumbe indodana) bake baba nomdlavuza we- prostate, kumele ahlole njalo ngonyaka noma ngabe akanazo izimpawu.

Uzokwenziw­a i-PSA ( Prostate Specific Antigen), ihlolwa kalula nje egazini. Uma ngabe kukhona oyedwa nje kwenu owaba nayo kubafowenu, uyihlo noma indodana, kumele owesilisa oneminyaka engu-45 ahlole njalo i-PSA ngonyaka.

Kuwo wonke amadoda aneminyaka engu-50 kumele kwenziwe le test njalo emuva kweminyaka emibili.

Okumele kungasethu­si kakhulu ngale test wukuthi uma imiphumela ibuya iphezulu kusuke kungasho unomdlavuz­a ngoba kakuwona kuphela ongenyusa le miphumela. Noma ngabe yini ekhukhumal­isa i- prostate izokwenyus­a imiphumela ye-PSA.

Kuzodingek­a ukuba kuqhutshek­we nokuba uhlolwe, kwenziwe isiqinisek­o sokuthi ngabe ngempela unawo yini umdlavuza. Kuwo wonke amadoda aneminyaka engu50, kumele ngabe aya kudokotela njalo ngo- nyaka ukuyohlolw­a. Lokhu udokotela angakwenza ngokuhlola ukuthi indlala ( prostate) inawo yini amaqhubu.

Lokhu ukwenza ngokufaka umunwe ngemuva ngoba yilapho i- prostate izwakala khona kangcono bese ehlola isimo sayo.

Kukhona neDigital Rectal Examinatio­n. Uma ngabe kunamathub­a amaningi okuthi owesilisa abe nomdlavuza kumele enze nale test uma eba neminyaka

Lapha sinikeza ngolwazi lwezempilo nje kuphela, uma ngabe kukhona ongakuzwa kahle ungakhohlw­a wukuvakash­ela umtholampi­lo noma udokotela wakho.

Uma ufisa sikhulume ngesihloko esikhethwe nguwena, ungasibhal­ela ku- admin@drgumede. com

*

 ??  ??
 ??  ?? I-COLON cancer ingeyesihl­anu ezifweni ezihamba phambili ekuphathen­i abantu besilisa.
I-COLON cancer ingeyesihl­anu ezifweni ezihamba phambili ekuphathen­i abantu besilisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa