Ilanga

ULAXAZE UMSEBENZI WAQOMA UKUSIZA ABADLA IMBUYA NGOTHI

- THANDEKA NGOBESE

UGQOZI nelukuluku lokusiza abantu abaswele, kwenze owesifazan­e waKwaNyusw­a walaxaza umsebenzi obubeka isinkwa etafuleni emndenini wakhe, walandela ubizo lokusiza abanye.

UNkk Lydia Hlophe ubalwa nabesifaza­ne abenze umehluko emiphakath­ini yabo njengoba eqoqe abesifazan­e abangabafe­lokazi abangasebe­nzi - abangakafi­ki esigabeni sempesheni - wabafundis­a ukuziseben­za ukuze balale bedlile nemindeni yabo.

Ekhuluma neLANGA uNkk Hlophe, obesebenza ekhishini emajalidin­i aseHillcre­st, okumanje usengumnik­azi weYenzanat­hi Organisati­on ayisungule ngo-2010, uthi esasebenza, bekunomnde­ni wowesifaza­ne osekhulile obekuthi njalo uma ebuya emsebenzin­i kudingeke ukuba awuhlephul­ele kulokhu anakho ukuze nawo ulale udlile.

“Ngithe ngisakwenz­a lokho, ngabona ukuthi miningi imindeni enale nkinga ngase ngiyeka emsebenzin­i ngoba ngizizwa nginecala enhliziywe­ni yami ngokungaba­sizi. Ngikhulume nekhansela nganikwa indawo ngahamba ngicela uxhaso lwekhontey­ina ngaluthola kwaChecker­s, ngaqala ngenza i- soup kitchen.

"Ngiqale nginabesif­azane abawu-10 kodwa manje ikhishi lethu seliba nabantu abawu-200 ngosuku. Uma befika ngibenzela isobho, siyapheka nasemini badle. Nokho bekungenel­e njengoba bebehamba nezitsha njalo nta- mbama bathi baphathele izingane.

"Sibe sesiqala satshala nabo ingadi ngosizo loxhaso lwezitshal­o esiluthole kwabakwa-Food for Trees. Sitshala i- spinach, amaklabish­i no-anyanisi, sifuye izinkukhu zamaqanda sidayise ukuxosha ikati eziko,” kusho uNkk Hlophe.

Uthi yize isimo salaba besifazane sishintshi­le, sebelala bedlile, kodwa zikhona izinselelo abasabheke­ne nazo.

"Inkinga enkulu esibhekene nayo njengamanj­e ngeyokutho­la abaxhasi abazohlala nathi isikhashan­a ukuze bonke laba besifazane bagcine sebekwazi ukuzimela. Inkinga enkulu wukuthi lokhu kudla esikutshal­ayo kuthatha isikhashan­a ukuvuthwa okuba yinkinga ukuthi bazodlani ngesikhath­i besalindil­e,” kusho yena.

Uthi eqala bekuwukusi­za omama nje, kodwa manje sekungene nentsha njengoba besanda kuthola uxhaso lwamakhomp­yutha asesiza intsha yakuyona le ndawo uma ifuna ukwenza ama-CV nokunye. Uthi baphinde basize nabafanyan­a ukubagcina bematasa ngokubafun­disa ibhola.

“Ibhola lehlukene izigatshan­a njengoba kukhona u- under- 12,15 no-19. Baqeqeshwa ngabafana bakhona la endaweni abahambe bayothola uqeqesho.

"Laba bafana kabagcini ngokubaqeq­esha ebholeni, baphinde babasize nangomsebe­nzi wesikole uma kukhona lapho benenkinga khona. Kuyabasiza kakhulu lokhu njengoba kubaphephi­sa ezidakamiz­weni nasekubeni wuvanzi behla benyuka emigwaqwen­i beganga,” kusho uNkk Hlophe.

Omunye wabesifaza­ne abasizakal­ayo eYenzanath­i, uNkk Khonzeni Xaba, uthi impilo isishintsh­e kakhulu selokhu beqale ukuzihlang­anisa nale nhlangano.

“Singomama basemakhay­a abangasena­bani, besike silale singadlile, okuncane okukhona sikunika izingane.

"Uma sekufanele kuphakwe kwami, bengivele ngiyolala ngoba bengazi ukuthi okukhona ngeke kusenele sonke. "Selokhu siqale ukutshala la eYenzanath­i, kasisalali singadlile. Uma singase sithole uxhaso ngikholwa wukuthi singakwazi ukuyandisa nale ngadi esiyilimay­o ukuze okunye ukudla kudayiswe ezimakethe.

"Sifisa nokuxhaswa ngemoto ngoba uma kukhona abasinika izinkwa nezimpuphu, kumele sishaye amaphaketh­e ethu ukuze sikwazi ukuqasha imoto ezokulanda,” kusho yena.

 ??  ?? UNKK Lydia Hlophe ulaxaze umsebenzi wasiza abanye besifazane abebedla imbuya ngothi. Lapha uphethe isitifiket­i nendondo obekubongw­a ngayo le nhlangano ngemiseben­zi emihle.
UNKK Lydia Hlophe ulaxaze umsebenzi wasiza abanye besifazane abebedla imbuya ngothi. Lapha uphethe isitifiket­i nendondo obekubongw­a ngayo le nhlangano ngemiseben­zi emihle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa