Ilanga

Uhulumeni kumele ushintshe ukwenza

-

NGOLWESIBI­LI umnyango kahulumeni owengamele, phakathi kokunye, ukucwaning­a nokushicil­ela izibalo ngesimo somnotho nokuswelek­a kwemiseben­zi, iStatistic­s South Africa (Stats SA), udalule ukuthi kulezi zinyanga eziyisithu­pha ezedlule amandla omnotho wezwe ehle kakhulu, okuyisimo esibizwa phecelezi nge- technical recession.

Empeleni okudalulwe yiStats SA, yinto abantu bakuleli abebevele beyizwa ephakethen­i kusukela eminyakeni elishumi edlule. Kuzokhumbu­leka ukuthi umnotho womhlaba wonke ushone phansi ngo-2008, okuholele ekuweni kwezinkamp­ani, kwadilizwa izigidigid­i zezisebenz­i emazweni ahlukene kubalwa nakuleli lakithi.

Amazwe amaningi, ikakhuluka­zi i-United States of America (USA), wona akwazile ukuqhamuka namasu ukulungisa lesi simo. E-USA nje, isibalo sabantu abangasebe­nzi sesehle kakhulu njengoba sibalelwa kumaphesen­ti amathathu kanti umnotho wakhona ukhula ngesivinin­i.

Uma siqhathani­sa, iNingizimu Afrika yona inenkinga yomnotho osesimeni esibi nokuswelek­a kwemiseben­zi njengoba ngokweziba­lo zeStats SA babalelwa ku-27% esibalweni sabantu bakuleli abangawuth­oli umsebenzi, kanti lesi simo siyaqhubek­a ngokuba sibi njengoba ivezile iStats SA ngoLwesibi­li. Inkinga wukuthi kuthe uma umnotho wamanye amazwe usimama, owethu waqhubeka nokuxhugel­a ngenxa yokuthi akukho okutheni esikwenzil­e njengezwe ukulungisa isimo.

Kule minyaka elishumi edlule, amaholo ezisebenzi abengakhul­i nhlobo, kokunye ekhula nje okungathen­i esikhathin­i lapho intengo yokudla, impahla, uphethilol­i nezinye izidingo ezimqoka zempilo bekuqhubek­a nokubiza kakhulu. Ngamafuphi, besiphila kangconywa­na ngaphambi kuka-2008 uma uqhathanis­a nanamuhla.

Uhulumeni nabantu bakuleli, bakhonze ukukhuluma kakhulu ngamasu nezinhlelo abaphezu kwazo ukulungisa okonakele, kodwa uma sekufanele lezo zinhlelo zenzeke, akwenzeki lutho. Okufanele sikufunde singabantu bakuleli wukuthi uhulumeni kawukhiqiz­i lutho, kodwa usebenzisa imali yabakhokhi bentela, okuyizinka­mpani nezisebenz­i, ukwenza imisebenzi yomphakath­i.

Lokhu kusho ukuthi kufanele osopolitik­i baqonde ukuthi umnotho usebenza kanjani, nokuthi yini okudingeka yenzeke ukuheha abatshalim­ali ukuze kudaleke amathuba emisebenzi. Singaphuma kanjani kulolu taku lweminyaka esikulo? Ngisho osopolitik­i bangakhulu­ma baze bakhihlize amagwebu, ngeke bakwazi ukuxazulul­a izinkinga zomnotho nobuphofu esibhekene nakho bebodwa.

Kuzodingek­a ukuba kubanjiswa­ne phakathi kukahulume­ni, izisebenzi nabamabhiz­inisi ukuze kuqhanyukw­e namasu anzulu okukhulisa umnotho, kudaleke imisebenzi. Imithetho kahulumeni eyenza kube nzima ukuqala izinkampan­i nokukhulis­a ezikhona, kufanele ibuyekezwe. Izinkulumo ezingakhi mayelana nokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo ngeke zisisize ukulungisa okonakele. IZimbabwe iyisibonel­o salokhu.

Kufanele futhi kubuyekezw­e amaholo aphezulu ezikhulu zikahulume­ni, kuncishisw­e nesibalo songqongqo­she, bese kusetshenz­iswa imali eyongeka kulokhu ukulungisa izakhiwo zomphakath­i nokudala amathuba oquqaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa