Ababhema usikilidi mabalwele ilungelo labo njengabensangu
KUNOMBHEMI ophakamise ukuthi kumele sonke thina esibhema ugwayi sibumbane, sifunde ukutoyiza ukuze izinhlangano nohulumeni bomhlaba bayeke ukuzigwazela ibhece nje lapha kithi.
Phela sekuhlongozwa ukuthi kungasabhenywa nje kwakhona ezindaweni ezisetshenziswa wumphakathi. Amalungelo ababhemi athathwe kancane bengakhonondi.
Uma sesingasavunyelwe ukubhema ezindaweni ezisetshenziswa wumphakathi, sesiyofana nje nalaba ababhema i- whoonga noma i- nyaope. Sekuyomele nathi sicashele amaphoyisa, siyobhemela emigedeni thizeni ukuze singazitholi sesibhantinta nababulali nabadlwenguli.
Ejele kuthiwa umuntu uhlonishwa uma enze elibomvu icala leli, okusho ukuthi uma bekubuza ukuthi uboshelweni, bayokuhleka uma uthi uboshelwe ukubhema ugwayi.
Phela lokho kuyofana nje nalaba ababeboshelwa ukuchama edolobheni ngesikhathi abantu abamnyama bengakavunyelwa ukusebenzisa izindlu zangasese zomphakathi.
Inkinga ngabantu ababhemayo wukuthi kabathandi ukuhlupha abanye abantu. Uma kuthiwa mabayobhemela ekhoneni, bavele baye khona bayozibhemela, bangakhonondi.
Bafana nosana olufakwe ibelesikhohlisi emlonyeni, lokhu abathi phecelezi yi- dummy. Ungabatshela ukuthi bagibele esihlahleni bayobhemela esiqongweni, uyobabona sebeqhwakele le phezulu njengamajuba, beziphaquzela ugwayi wabo.
Iningi labantu liyatoyiza, litoyizela noma yini phansi komthunzi welanga. Kukhona abathi balwela amalungelo ezihlahla, kube khona abalwela izilwane njalo njalo, kodwa ababhemi bona kabanayo ngisho nenhlangano encane nje enamalungu amabili, elwela amalungelo okuntongela.
Behlulwa nangababhemi bensangu bona abatoyiza njalo, baze babhemele naphambi kwesango lephalamende imbala. Bona bacasha ngamaRasta wona athi ukubhema umthunzi wezinkukhu kubusiswe yinkolo yawo, kufana nokudla iSakhramente!
Kusho ukuthi uma esebhemile amaRasta amane azibone esehleli emafini noJah kuqhuma oJah Rasta fried rice.
Lo mbhemi okhalela amalungelo ababhemi, uthi uma lo mthetho omusha ushaywa, kuzoba nodlame olungakaze lubonwe ezinkampanini nasemigwaqweni ngoba phela umbhemi oqalekile unolaka olwedlula olwemamba.
Emahhovisi nasezimbonini uyothola abantu sebelandela izimoto eziphumayo nezingenayo, behogela intuthu ephuma emapayipini angemuva.
Uma kusha ibhilidi, yibo abazoyinuka kuqala intuthu, basondele ngakhona. Kusho ukuthi ohulumeni bayazixhaphazela nje kubabhemi ngenxa yokuthi bathukuthela kuphela uma beqalekile.
Ngikhumbula nowayengungqongqoshe wezempilo, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, naye owazenzela udumo ngokushaya umthetho owenqabela izikhangiso zogwayi. Waphinde washaya omunye othi izindawo ezisetshenziswa wumphakathi kumele zehlukaniswe phakathi, kube negumbi lokubhemela.
Sithe sithi cha kulungile ngoba nakhu nathi sibekelwe eyethu indawo, gwiqiqi, akusabhenyelwa ezindaweni okudliwa kuzona, sekumele umuntu aphumele ngaphandle futhi aqhele kuleso sakhiwo ngamamitha ayikhulu.
Lokhu kwathiwa kwenzelwa ukuthi laba abangabhemi bangahogeli intuthu kagwayi evela ngaphandle. Sithe sisakhexe imilomo, nakhu sekuthiwa kumele singabhemi emizini yethu uma sinabantwana ngoba bazohogela intuthu.
Kusho ukuthi umnumzane kumele aphumele ngaphandle noma abhemele endlini yangasese emzini wakhe! Mina kwami ngikhipha zona izingane, ngizitshele ukuthi aziphumele ngaphandle ngoba ubaba ufuna ukubhema. Ngiyasho futhi ukuthi zibuye uma intuthu isiphelile endlini.
Mina kangibaboni ababhemi bemasha ngoba phela itoyitoyi idinga amaphaphu aphilile. Ngaphandle-ke uma bezohamba ngamabhasi beyohlangana ndawanathile lapho beyoma khona bephethe izingqwembe zabo zokukhononda.
Uyothola abantu begxumagxuma betoyiza kodwa bengasho ukuthi “hhayi hhayi” kodwa bethi “puff and pass” noma “skeif, skeif”. Uma ufuna ukwazi ukuthi imashi ikuphi, usuyolandela ifukazi le-