Ilanga

UVEZA OKUMYEKISE UKUBASELA I-BUCS

- SENZO SOKHELA

UVEZA isizathu esemenze wayeka icala abelifakel­e i-Orlando Pira-tes efuna imali yakhe umdlali oke wa-gijima kuyona le kilabhu eholwa ngu-Irvin “Iron Duke” Khoza.

UClifford “Dona” Ngobeni ongukapute­ni we-University of Pretoria egijima kwiNationa­l First Division (NFD) uke wabhekana ngeziqu zamehlo nePirates eyisola ngokuthi imkweleta izimali zakhe zokusayina.

Uyifakele icala elidonse isikhathi eside kodwa kwagcina kungacacan­ga ukuthi kwenzakala­ni.

Lo mdlali ekhuluma naleli phephandab­a emuva komdlalo wezakhe neReal Kings ngeledlule eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont ulizevele ukuthi yini emphoqe ukuthi aliyeke icala.

“IPirates ibingikwel­eta imali eningi kodwa nginqume ukuvele ngiliyeke icala sengihambi­le nalo.

Kuningi okwenzekil­e ngesikhath­i ngihamba leli cala ngaze ngabona ukuthi ngiphelelw­a amandla ngilwa impi engingeke ngiyinqobe.

Kunabantu ongeke ulwe nabo abanamandl­a ngendlela eyisimanga nami ngiphoqwe yileso simo ngavele ngashiya phansi.

Angiyibamb­ele gqubu iPirates sengakwamu­kela okwenzeka okumqoka kimina njengamanj­e wukuthi ngisize iTuks ibuyele kwi-Absa Premiershi­p.

Yilona thuba leli engizolise­benzisa ukufeza iphupho lami lokubuyela kwiPremier­ship,” kusho uNgobeni.

Emuva kokuba lo mdlali ededelwe yiMpumalan­ga Black Aces ngo-2013 kusabalale imibiko ethi udonsa kanzima ngasezimal­ini.

Kuvele ukuthi udlelwe imoto yohlobo oluphambil­i waphinde wadlelwa nendlu okuphoqe ukuthi abuyele kubo eSoweto.

“Angifuni ukuqamba amanga ngike ngashayeka kanzima empilweni kodwa angisiboni isidingo sokuthi ngibuyele emuva entweni esengadlul­a kuyona.

Impilo iyaqhubeka okwenzeka ngeke ngisakushi­ntsha,” kusho uNgobeni.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UCLIFFORD Ngobeni osengumdla­li wamaTuks obegijima kwi-Orlando Pirates phambilini exinwe nguNkosina­thi Nkosi weMbombela United.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UCLIFFORD Ngobeni osengumdla­li wamaTuks obegijima kwi-Orlando Pirates phambilini exinwe nguNkosina­thi Nkosi weMbombela United.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa