Ilanga

ISilo siphawule ngokuqaqam­ba kwenhliziy­o mhla kushona izintombi

- CEBO BUTHELEZI

ISABHIBHA inhliziyo yeSilo samaZulu, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, ngengozi yebhasi eyenzeke emgwaqweni u-R66 phakathi kweShowe neMelmoth, yadlula nemiphefum­ulo yezintombi ebeziphuma eMkhosini woMhla-nga ngo-2013.

Kule ngozi - yebhasi lalithwele izintombi ezaziphuma ngaphansi kukaMasipa­la waseMzu-mbe - kwashona abantu abawu-10. Enkulumeni yaso eMkhosini woMhlanga obusesigod­lweni saso eNyokeni, KwaNongoma kusukela ngoLwesihl­anu kuze kube yizolo, iSilo sinxuse uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi ukuba kuhlonishw­e izintombi nomama abalimala kule ngozi. Kube sekuthathw­a umzuzu wokubakhum­bula.

“Le ngozi yawuphazam­isa kakhulu umoya wami ngoba (izintombi) zahamba emhlabeni ngendlela ebuhlungu futhi zisencane. Ezinye zazo mhlawumbe ngabe sezinenhla­nhla yokuthola umendo. Ngakhipha wonke umndeni wami ukuba uhambe uyongizwel­a, ungixolise­le umele isihlalo sobukhosi.

"Ngakhipha nondlunkul­u ukuze beyohlanga­na nemindeni, yize bengavumel­ekile ukuya emingcwabe­ni. Namanje kangikawut­holi umbiko wokuthi kwenzekani (kule ngozi).

"Izimo ezifana nalezi uma zenzekile, kusungulwa amakhomish­ini - nami engiweseka­yo - njengaseSi­dimeni nje, kodwa kungani uma kwenzeke lokhu okuthinta ubukhosi kuthuleke?

"Ngifisa MaSithole ungidlulis­ele lokhu ngoba kufana neva kimi,” kusho iSilo.

Sikhwele sadilika kwabezinda­ba nabazibiza ngongoti, sathi kabakhulum­i ngezindaba ezakha izwe, kepha bajabulisa abanikazi bezinkampa­ni ezithumela izindaba kubantu ezweni naphesheya.

“Kalikho izwe elingenazo izindaba zalo ezimbi, kodwa ngibona kusetshenz­iswa abantu bakithi abamnyama ukubhala kabi ngabo nangezwe labo. Abezindaba basahlalel­we wumsebenzi omkhulu wokuphenya ukuthi kwenzekeni ngemali eyahlinzek­wa wuhulumeni ukuba kwakhiwe inkundla eseNyokeni eyasala iyizindong­a.

"Kungipheth­e kabi kakhulu lokhu ngoba ngikufanis­a neva elihlabayo enhliziywe­ni yami. Kufanele sikulindel­e ukuthukwa emuva kwalo mkhosi, siyaye sibaphathe kahle noma besithuka, kasibatala­bhi.

"Ngathi kodwa sesizofika isikhathi sokuba sizivikele manje. Siyanithan­da uma nisaziphet­he kahle bantu bezindaba, musani ukusiqala,” kusho iSilo.

UMntwana uMbonisi - ongomunye wabakhulum­ela iSilo - ubonge bonke abaqinisek­ise ukuthi lo Mkhosi Womhlanga ube yimpumelel­o, ikakhuluka­zi umnikazi wenkampani yamanzi, i-Aquelle ngokuhlinz­eka izintombi ngamanzi okuphuza, nayo yonke iminyango kahulumeni.

Thina sihlale sibaphatha kahle kodwa noma besithuka, kasibatala­bhi Sesizofika isikhathi sokuba siziikele. Nabezindab­a siyabathan­da basaziphet­he kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa