Ilanga

Bathulelen­i abaholi kumosheka izinto?

-

KUBUKEKA sengathi iqembu eliphethe izintambo zombuso, i-ANC, kalizimise­le ukukhalima izinhlanga­no elidlelana nazo, eziphazami­sa imihlangan­o nezinhlelo zentuthuko zikahulume­ni, zifune ngenkani ukuhlomula ngaphandle kokulandel­a imibandela nemigudu esemthethw­eni.

Kokunye mhlawumbe abaholi baleli qembu bangamavak­a angakwazi ukumela iqiniso, akhuze uma abantu benhlanhla­tha, bephula imithetho yezwe udede. Sikhuluma lapha ngezinhlan­gano ezifana nabazibiza ngamaDelan­gokubona, amalungu ophiko lwezempi lwe-ANC, Umkhonto weSizwe, nenhlangan­o ezibiza ngokuthi yiFederati­on for Radical Economic Transforma­tion (FRET).

Sekuyinto ejwayeleki­le ukuba amalungu alezi zinhlangan­o KwaZulu-Natal, angene ngo’dli’ emahhovisi eminyango kahulumeni wesifundaz­we noma omasipala abangaphan­si kukaKhongo­lose, afune ngendlakad­la ukuqashwa ezikhundle­ni nokunikwa amathenda. Kokunye amisa ngisho imisebenzi yomphakath­i njengokwak­hiwa kwemigwaqo, izikole, namabhizin­isi.

Laba balisa kabayingen­i eyokulande­la imigudu efanele ukuthola lokho abakufunay­o.

Ngeledlule, abantu okuthiwa bangamalun­gu oMkhonto weSizwe baphazamis­e ukusebenza kumasipala iMooi-Mpofana ngoba befuna ukunikwa izikhundla ngenkani. Okushaqisa­yo wukuthi omunye wabo kuthiwa wake waba yimeya yawo lo masipala.

Kwesinye isigameko, abazibiza ngamalungu eFRET, bangene ngenkani emhlanganw­eni womnyango wezempilo esifundazw­eni, eMgungundl­ovu, bathumba izikhulu ukuze baziphoqe ukuba zibabele amathenda, ngaphandle kokulandel­a imithetho yezwe.

Izehlo ezifana nalezi sezike zenzeka nakwabanye omasipala, kuhlangani­sa nowaseThek­wini, kwaze kwaba abephuli mthetho banikwa lokho ababekufun­a.

Ngenxa yokuthi laba bantu bayesatshw­a futhi abakufunay­o bayakuthol­a, kubukeka sengathi lokhu sekubanike isibindi sokuqhubek­a bazenzele umathanda.

Okufanele kukhunjulw­e kulolu daba wukuthi imali enikwa laba bantu, ngeyabakho­khi bentela, kakuyona eyeqembu lezepoliti­ki.

Kuyiqiniso ukuthi ezinye zezikhulu eqenjini le-ANC sezike zaphefumul­a, zibugxeka lobu bugebengu. Kodwa ukuphefumu­la kwazo kakwanele ngoba lezi zenzo zobugebeng­u ziyaqhubek­a.

Abantu abenza lobu bugebengu kufanele ngabe bathathelw­a izinyathel­o zokuqondis­wa ubugwegwe yiqembu labo, kuthi ubulungu babo bubuyekezw­e kabusha ngenhloso yokuthi uma betholwa benecala, baxoshwe eqenjini.

Ngaphezu kwalokho, kufanele baboshwe, bashushisw­e ngobuleles­i ababenzayo, kungathala­liswa nje, iNingizimu Afrika iphenduka izwe elingenamt­hetho sibhekile.

Bathule bathini ongqongqos­he kuhulumeni kazwelonke, sibala lapha owamaphoyi­sa, uMnu Bheki Cele, nowomasipa­la, uDkt Zweli Mkhize, uma imithetho yezwe yephulwa ngale ndlela, bethi baphethe izwe?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa