Luya eBloemfontein olwakwaShembe
Bafuna kunikwe ithuba uKukhanyakwelanga
LUPHIKELELE eNkantolo eNkulu yokweDluliswa kwamaCala eBloemfontein udaba lombango webandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni oluholwa yiNkosi Mduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, nolwaseThembezinhle oluholwa yiNkosi Phinda "Kukhanyakwelanga" Shembe.
Amajaji ale nkantolo okuyiJaji Zukisa Tshiqi neJaji CHG Van Der Merwe, athumelele abameli balezi zinhlangothi izimpendulo ebeziqinisekisa ukuthi abaseBuhleni sebengaqala ukuhlanganisa ubufakazi babo nezizathu ezenza bakhononde ngesinqumo esikhishwe ngoMbasa (April) eMgungundlovu ngamajaji amabili, iJaji Jerome Mnguni neJaji Portia Poyo-Dlwati athe ubufakazi beNkosi yamaQa- di, uMqoqi Ngcobo, bebungenaso isisindo njengoba ithe uNyazilwezulu lukhethwe ngomlomo yiNkosi Vimbeni "Thingolwenkosazane" Shembe (ekhothame ngo-2011) kanti iMisebeyelanga yona ibiphethe incwadi obekuthiwa ibhalwe yilo uThingo luyibeka kwesokuhola ibandla.
Ijaji Achmat Jappie likhiphe isinqumo ngo-2016 sokuba iMisebe yiyona engumholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni. Lokho akwehlanga kahle kwabaseBuhleni, bedlulisela phambili isinqumo emajajini amathathu eMgungundlovu.
IJaji Mdumiseni Madondo livune abaseBuhleni lathi bekumele ubufakazi beNkosi yamaQadi buhlonishwe, buthathwe njengobufanele, laze lakhala ngabantu abangawazi amasiko aleli bandla. IJaji Poyo-Dlwathi neJaji Mnguni, asinyathelile isinqumo seJaji Madondo bakhipha phambili abaseThembezinhle.
Kube ngabaseBuhleni abafake isicelo sokwedlulisa isinqumo samajaji amabili, okuthe besathumelana amaphepha abameli, abaseThembezinhle bafaka isicelo abebefuna semukelwe kungakayiwa eBloemfontein, sokuba uKukhanyakwelanga kunikwe ithuba, lemukelwe yinkantolo njengenkosi ephethe isikhundla seMisebeyelanga.
Kwaphinda futhi kwaba nesicelo ebesifakwe ngundlunkulu weMisebe, uNkk Ntombifikile Shembe, sokuba kuchithwe umthethosisekelo womsunguli webandla lamaNazaretha, uMprofethi Isaiah "Mbombela" Shembe kulolu daba, kusebenze owalandela emuva kwalokho.
Zombili lezo zicelo, kazemuke- lwanga yinkantolo yaseBloemfontei. Inkantolo ithe kaziphuthumi, makulindwe kuze kulalelwe isicelo sokwedluliswa kwecala eBloemfontein.
Njengamanje abaseBuhleni noma bese bethe ngokwabo kasisekho kangako isidingo sokuba baledlulise icala ngoba sebevele baluqokile uNyazi (njengenkosi yabo), sengathi kakuhambanga ngezifiso zabo ngoba isicelo sabo sokwedlulisa icala siya ngqo eBloemfontein.
Bona bamatasa manje balungisa amaphuzu okumele bawathumele khona bese kuthi uma amajaji esezenelisile nabaseThembezinhle, kube yiwona anquma usuku lokulalelwa kwalolu daba.
Zishudulisana kanjena nje, indaba yonakale ngo-2011 ngesikhathi kufihlwa uThingo eBuhleni. Kuthe kusalindelwe ukuba ummeli woThingo, uMnu Zwelabantu Buthelezi, amemezele ozongena esikhundleni salo, iNkosi yamaQadi yagijimisa okwentulo ishiya unwabu, yayabula umbhobho yamemezela igama loNyazilwezulu yathi yilona oluqokwe wuThingo (oluzala uNyazi) ukuba luhlale esihlalweni salo.
IMisebeyelanga ifake isimangalo enkantolo ngoba ibona sengathi ibanjwa inkunzi. Idlule emhlabeni ngoZibandlela (December) nyakenye emuva kokuxinwa wukugula, kwabe sekuthatha umfowabo iNkosi uKukhanyakwelanga.
IMisebe idlule emhlabeni sesivele siphumile isinqumo ukuthi yiyona inkosi esemthethweni yamaNazaretha aseBuhleni.
knowledge.simelane@ilanganews. co.za