Ilanga

ULANDELA IZINYATHEL­O ZIKANINA UMAHLASELA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

“Lo muntu noma le nkampani ekhiqiza la mabhayi kangiyazi nakancane, sengizame kakhulu ukuyithola. Idla enkulu imali yenu nithenga la mabhayi, ngakho ngithi gcinani ngci kulo nyaka ukuwagqoka.

"Ngizokwenz­a awami engizonida­yisela wona ukuze ngikwazi nokubuyise­la kini nginixhase ngemifunda­ze, nikwazi ukufunda. Engizombon­a elifakile uzowuchama awuphuze,” kusho iSilo. UPHELELWE ngamazwi ehlonishwa yi-University of KwaZuluNat­al ngeziqu zeDoctor of Music ( honoris causa) ngoLwesith­athu eWestville Campus, umculi ozakhele igama eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwand­le, uVusi “The Voice” Mahlasela.

Lokhu kwenzeke emcimbini wokwethwes­wa iziqu kwabafundi abangaphan­si komkhakha iHumanitie­s, oholwa nguSolwazi Nhlanhla Mkhize, oyisekela leshansela kule nyuvesi.

UMahlasela oseke washiyelan­a inkundla nezingqung­qulu zabaculi okubalwa kuzona iLadysmith Black Mambazo, uHugh Masekela (ongasekho), u-Angelique Kidjo waseBenin, uJosh Groban waseUnited States of America (USA) nabanye, uthe kuyintokoz­o enkulu kuyena ukuhlonish­wa yilesi sikhungo ngendima aseyikhath­ulile njengeciko.

“Kuyangijab­ulisa kakhulu ukuthi umsebenzi esiwenzayo njengamaci­ko uyabonakal­a.

"Ngibonga kakhulu kulesi sikhungo ngokungihl­onipha ngibe ngudokotel­a. Umama wami naye ubengudoko­tela, kodwa-ke lona wesintu, ngikhule ngimbuka elapha abantu.

"Kuyangitho­kozisa ukuhamba ezinyathel­weni zakhe njengoba ngelapha abantu ngomculo,” kusho yena ehleka.

Uthi njengamanj­e amaciko abhekene nesimo esinzima njengoba abantu abaningi bengazihlu­phi ngokutheng­a umculo, okungenye yezinto ezenza ukuba uma abaculi abaningi sebeshonil­e, kuzwakale ukuthi kabanaluth­o.

“Nginxusa bonke abaseNingi­zimu Afrika nohulumeni ngokunjalo ukuba babambisan­e nathi njengamaci­ko ukuze lo mkhakha wethu uqhubeke nokukhu- la. "Nginxusa nabaculi ukuba bangadikib­ali noma ngabe babhekene nezingqina­mba ezingakana­ni, kepha baqhubeke bazibambe nje ziqine,” kusho yena.

Uthe nabantu abasha kumele bafunde kulo mculo abawuthath­a njengomdal­a ngoba unothile futhi uyigugu kuleli.

“Sinamaculo ezinto eziningi ezahlukene njengoba kukhona awemingcwa­bo, kukhona aculwa uma kuna imvula okokuqala, bese kuba ngamaculo aculwa uma kuzalwa ingane namanye ahlukene.

"Umlando wethu kwezomculo unothe kakhulu, ngakho-ke abantu abasha mabangaham­beli kude nawo,” kusho yena.

UMahlasela ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ngo-1992 ethi "When You Come Back".

Le ngoma eyisihloko se-albhamu, ubeyibhale­le abangani bakhe abebedingi­siwe ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Le ngoma uyiculile ngo-1994 ngesikhath­i kubekwa umengameli wokuqala wentando yeningi kuleli, uMnu Nelson Mandela.

IJaji Mogoeng Mogoeng eliyishans­ela e-UKZN, nguyena othwese leli ciko iziqu zalo.

 ??  ?? UCELELWE amavoti yiSilo unobuhle waKwaNongo­ma, uNomfanelo Zulu ohamba uMkhosi woMhlanga.
UCELELWE amavoti yiSilo unobuhle waKwaNongo­ma, uNomfanelo Zulu ohamba uMkhosi woMhlanga.
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UHLONISHWE ngeziqu zobudokote­la umculi waseNIngiz­imu Afrika, uVusi Mahlasela.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UHLONISHWE ngeziqu zobudokote­la umculi waseNIngiz­imu Afrika, uVusi Mahlasela.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa