Ilanga

ISILO SIHLABA ABAKHIQIZA AMABHAYI ANOBUSO BASO

- CEBO BUTHELEZI

UKHANKASEL­WE amavoti yiSilo samaZulu, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, unobuhle waKwaNongo­ma ongenele uMiss Teen Commonweal­th South Africa, ongonyaka ozayo.

UNomfanelo Zulu (19), waseNdlunk­ulu kaZulu, ucelelwe amavoti njengoba kade kunoMkhosi woMhlanga ngempelaso­nto esigodlwen­i seSilo eNyokeni KwaNongoma - naye abeyingxen­ye yawo.

Njengamanj­e le ntokazi yenza uGrade 11 eVelangaye High School, eNkandla. ISilo sithe: “Ukuphumele­la kukaNomfan­elo kuzobe kusho ukuphumele­la kwenu zintombi zomhlanga. Ngeyenu le nto kakuyona eyami, izophakami­sa ifulegi lenu njengezint­ombi zoMhlanga.

"Ngiyafisa ukuba nimvotele nonke, aphumelele.” UNomfanelo uthi ukhule ethanda ukumodela, kanti uthi lo mkhakha ungaholela ekubeni abe ngumethuli wezinhlelo kumabonaku­de, akhangise ngezimpahl­a agcine ehambela amanye amazwe.

Uthi uma eqeda uGrade 12, uzoyokwenz­a izifundo zePharmacy, aqhubeke nomkhakha wakhe wobunobuhl­e.

“Ngingenele lo mncintiswa­no ngokubona kwiFaceboo­k. Ngigcwalis­e imininingw­ane yami ngoba ngizibona ukuthi ngingakwaz­i ukuba yinxusa likaMiss Commonweal­th Teen SA.

"Ngicela abantu ukuba bangivotel­e ngokuthume­la umqhafazo onegama lami, bathi; Nomfanelo Zulu ku: 35554. Umqhafazo ubiza u-R3 umunye, “kusho le ntokazi.

Ngaphandle kokucelela uNomfanelo amavoti, ngeSonto ngesikhath­i kuphethwa uMkhosi woMhlanga. ISilo sivale nokuthi izintombi zimbathe amabhayi anobuso baso kulo mkhosi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa