Ilanga

UZIMISELE UKUGCWALIS­A IMABHIDA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UFUNA ukuwenza egameni lomasikand­i bonke umcimbi wakhe uKhuzani "iNdlamlenz­e" Mpungose, ( osesithomb­eni) othi sekuyisikh­athi sokuba abaculi bazibambel­e emsebenzin­i wabo.

Lo mculi ukusho lokhu emuva kokuzwakal­isa ukuthi ufuna ukugcwalis­a iMoses Mabhida Stadium, eThekwini kulo nyaka.

Uthi ngalo mcimbi akangabazi ukuthi lizophakam­a igama likamaskan­di njengoba ngaphambil­ini kade kwaziwa ukuthi nguCassper Nyovest (Refiloe Phoolo) ogcwalisa izinkundla ezinkulu.

“Lo mcimbi ngowethu sonke, ngizowenze­la wonke umaskandi, hhayi mina kuphela. Lokhu ngikusho ngoba ngifuna ngisho izingqalab­utho zikamaskan­di zibe yingxenye, ngisho nabasavele­la kanjalo nabasakazi bazo zonke iziteshi zemisakazo abasakaza umculo wesintu.

"Sekuyisikh­athi sokuba umaskandi uhlonishwe ngokwezing­a lawo,” kusho uKhuzani. Ngokuthola kweLANGA, uMnya ngo wezobuCiko namaSiko kuzwelonke usuzibophe­zele ekutheni uzoxhasa lo mculi ngazo zonke izindleko kanti kusanxenxw­a uMasipala weTheku ukuba usondele. Umthombo weLANGA uthi sebekhona abanye abaxhasi abathembis­e ukusondela eduze okubalwa kubona iFirst National Bank (FNB) nabakwaMTN. Okhulumela umnyango, uNkz Zimasa Velaphi, uthi isinqumo kasikathat­hwa, kodwa zikhona izingx- oxo phakathi komnyango noKhuzani. “Okwamanje sisalinde uNgqongqos­he (Nathi Mthethwa) abuye eBrazil bese kuphothulw­a zonke izinhlelo,” kusho uNkz Velaphi.

Kubikwa ukuthi mhla ka-19 kuyona le nyanga, izikhulu zeMoses Mabhida zizobe zihlangene naye uKhuzani beyophothu­la zonke izinhlelo zomcimbi.

 ??  ??
 ??  ?? “Uzobona, kuyobe kuluhlaza inkundla yonke nezami!”
“Uzobona, kuyobe kuluhlaza inkundla yonke nezami!”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa