UZIMISELE UKUGCWALISA IMABHIDA
UFUNA ukuwenza egameni lomasikandi bonke umcimbi wakhe uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, ( osesithombeni) othi sekuyisikhathi sokuba abaculi bazibambele emsebenzini wabo.
Lo mculi ukusho lokhu emuva kokuzwakalisa ukuthi ufuna ukugcwalisa iMoses Mabhida Stadium, eThekwini kulo nyaka.
Uthi ngalo mcimbi akangabazi ukuthi lizophakama igama likamaskandi njengoba ngaphambilini kade kwaziwa ukuthi nguCassper Nyovest (Refiloe Phoolo) ogcwalisa izinkundla ezinkulu.
“Lo mcimbi ngowethu sonke, ngizowenzela wonke umaskandi, hhayi mina kuphela. Lokhu ngikusho ngoba ngifuna ngisho izingqalabutho zikamaskandi zibe yingxenye, ngisho nabasavelela kanjalo nabasakazi bazo zonke iziteshi zemisakazo abasakaza umculo wesintu.
"Sekuyisikhathi sokuba umaskandi uhlonishwe ngokwezinga lawo,” kusho uKhuzani. Ngokuthola kweLANGA, uMnya ngo wezobuCiko namaSiko kuzwelonke usuzibophezele ekutheni uzoxhasa lo mculi ngazo zonke izindleko kanti kusanxenxwa uMasipala weTheku ukuba usondele. Umthombo weLANGA uthi sebekhona abanye abaxhasi abathembise ukusondela eduze okubalwa kubona iFirst National Bank (FNB) nabakwaMTN. Okhulumela umnyango, uNkz Zimasa Velaphi, uthi isinqumo kasikathathwa, kodwa zikhona izingx- oxo phakathi komnyango noKhuzani. “Okwamanje sisalinde uNgqongqoshe (Nathi Mthethwa) abuye eBrazil bese kuphothulwa zonke izinhlelo,” kusho uNkz Velaphi.
Kubikwa ukuthi mhla ka-19 kuyona le nyanga, izikhulu zeMoses Mabhida zizobe zihlangene naye uKhuzani beyophothula zonke izinhlelo zomcimbi.