Ilanga

Imvunge ngophenyo lwehholo lwezigidi

Kuthiwa i-ANC ikhiphe umyalelo wokuthi mawucindez­elwe umbiko

- ANDILE MOSHOESHOE

KUNEMVUNGE ngemiphume­la yophenyo lukaHulume­ni waKwaZulu-Natal, olumayelan­a nehholo laseMzimkh­ulu okuthiwa isaduve ehhovisi likaNdunan­kulu wakulesi sifundazwe, uMnu Willies Mchunu.

ILANGA lihoshe emithonjen­i yalo ethembekil­e ukuthi kade lwaphothul­wa uphenyo ngaleli hholo, okubikwa ukuthi lidle ngaphezu kukaR 35 million yize lingakaqed­wa, kodwa kuthiwa i-ANC KwaZuluNat­al ikhiphe umyalelo wokuthi lucindezel­we ngenxa yokuntenga kwesimo sezepoliti­ki esifundeni saleli qembu iHarry Gwala.

Imithombo ithi ubuholi be-ANC bunovalo lokuthi ukwethulwa kwale miphumela yophenyo, oluthinta izikhulu ezithile zikaMasipa­la waseMzimkh­ulu, kungase kudale olukhulu uqhekeko kwi-ANC eHarry Gwala.

Udaba lwaleli hholo lube sematheni emuva kokudutshu­lwa kwekhansel­a laseMzimkh­ulu, uMnu Sindiso Magaqa, okubikwa ukuthi belizimise­le ngokuneka amahlazo ngezimo zenkohlaka­lo kulo Masipala waseMzimkh­ulu.

Ephawula mayelana nalo mbiko uMnu Mchunu, uthe: “Uma kunophenyo olwenziway­o, kunezinhle­lo nemigudu elandelway­o, kuhlaziywe futhi kubukwe ukuthi luzokwenzi­wa kanjani. Yilokho-ke esiphezulu kwakho njengamanj­e.”

Uthe le miphumela kakuyona into abangayeth­ula kunoma ngubani, izothulwa emphakathi­ni uma seyilandel­we yonke imigomo efanele. Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uziphikile izinsolo zokuthi i-ANC ijube ihhovisi likandunan­kulu ukucindeze­la le miphumela.

Uthe beyiqembu kababheki ukuthi udaba luthinta bani, kodwa uma kuwukuthi konke sekuphothu­liwe, luyethulwa futhi uma kukhona abathintek­ayo, babhekane nezono zabo ngoba ukulwa nenkohlaka­lo kwiANC yinto eseqhulwin­i.

“Engikwaziy­o nje wukuthi undunankul­u wathi uzositshel­a uma ese- qedile ngalo lolu daba njengoba kungelona kuphela olusehhovi­si lakhe” kusho uNkk Simelane-Zulu. Uthe bamnikeze izinyanga ezintathu - ezizophela ngokuphela kukaMandul­o (September) - undunankul­u ukwenza lo msebenzi.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lennox Mabaso, uthembise ukuthi uzobuyela kuleli phephandab­a ngodaba lwaseMzimk­hulu, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engaphendu­li. Phambilini ILANGA likhuluma neMeya yaseMzimkh­ulu, uMnu Mphuthumi Mpabanga, ithe kayinankin­ga ngophenyo kumasipala wayo.

 ?? ISITHOMBE: NGOMUSA WEKHWEZI NEWSPAPER ?? YILO leli hholo okusaduve umbiko mayelana nalo.
ISITHOMBE: NGOMUSA WEKHWEZI NEWSPAPER YILO leli hholo okusaduve umbiko mayelana nalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa