Ilanga

WENQABILE UKUFAKAZA OSOLWA NGOKUBULAL­A INTOMBI NENDODAKAZ­I

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UNQABE ukungena ebhokisini lofakazi, eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni owesilisa wasoThonga­thi osolwa ngamacala okubulala intombi yakhe nendodakaz­i yayo angayizali mhla ka-18 kuZibandel­a (December) nyakenye.

UMnu Bongani Gumede (30), ubhekene necala lokushaya ngesando abulale isinqandam­athe sakhe, uNkz Zinhle Ntuli nengane yaso, uSnothile Ntuli.

Ngalolo suku kuthiwa uMnu Gumede noNkz Ntuli babenengxa­bano mayelana nokungabuy­i (kukammanga­lelwa) endlini impelasont­o yonke yomhla ka-15 kuZibandle­la.

Kuthiwa ummangalel­wa ubengumunt­u ongasebenz­i isikhathi eside njengoba ubondliwa ngumufi. Kuvela ukuthi ugcine ethole itoho eSibaya Casino. Kuthiwa ngoZibandl­ela ubhonasile emsebenzin­i kodwa wakhetha ukungayi endlini - okuyikho okususe ingxabano.

UMnu Gumede ubebukeka ethukile ngesikhath­i esenkantol­o. Ibamba lejali, u-Adv Thembelihl­e Mapipa, litshele uMnu Gumede ukuthi ubhekene namacala obucayi okubulala abafi wabagqiba ehlathini.

Lithe ummangalel­wa ukhethe ukuthula angafakazi ecaleni abhekene nalo.

“Ukuthi kawungenan­ga ebhokisini wathula ubufakazi bakho, lokho ngeke kuvimbe inkantolo ukuba ikhiphe isigwebo sayo. Ukukhetha kwakho ukuthula kakulinike­zanga isisindo icala njengoba kushiye ubufakazi bombuso bungaphiki­siwe.

“Umbuso ubize ofakazi abayihlanu ebhokisini, kanti bonke bafakaze kahle futhi kawuzange uphikisane nabo.

“Kawuzange unike ummeli wakho imiyalelo mayelana necala kodwa ubulokhu umtshela ukuthi ufuna ibheyili. Izidumbu zabafi zitholakal­e zigqitshiw­e ehlathini, unina wengane utholwe egqitshwe phezu kwayo.

“Ngesikhath­i wenza inkomba, uzikhombel­e wena indawo yesigameko ngaphandle kwengcinde­zi,” kusho ibamba lejaji.

Umshushisi, u-Adv Vusi Xaba, uthe kuyilungel­o lakhe ummangalel­wa ukungafaka­zi kodwa inka-ntolo isale ilenga ngoba kayibu-tholanga ubufakazi bakhe.

Utshele inkantolo ukuthi ubufakazi obuthulwe ngofakazi bombuso bukhomba yena uqobo uMnu Gumede. Icala liyaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa