Ilanga

INGCUPHE ESITESHINI SOMKHATHI

- BONGINKOSI ZONDI

UVALO ngembotsha­na okuvela ukuthi ivulekile egunjini elihlala osonkanyez­i esikhumulw­eni-mkhathi ( space station), ebangeni eliwu-402336km ukusuka emhlabeni.

Lokhu kudale ukuba kuvuze umoya osiza osonkanyez­i bakwazi ukuphefumu­la njengathi silapha eMhlabeni. Okuyimpica­badala wukuthi ososayensi kabakakuth­oli okudale leyo mbobo.

Okuqwebuli­se amehlo kososayens­i beNational Aeronautic­s Space Administra­tion (Nasa) - lapho kulawulwa khona izinkambo zomkhathi nokwenzeka kulesi sikhumulo - wukubona kwehla umthamo womoya odingwa ngosonkaye­zi.

Lokhu kubonakale mhla ka-30 kuNcwaba (August) ngesikhath­i osonkanyez­i abawu-6 belele. Sebevukile, bayalelwe ukuba bahlwaye yonke indawo ukuze bathole imbangela yokuvuza kwalo moya.

Bagcine beyihlonzi­le imbotshana elinganise­lwa ku-2mm esiswini seSoyuz MS-09, okuyigobol­ondo elise- tshenziswa ngosonkany­ezi uma sebebuyela emhlabeni emuva kokuqeda umsebenzi wabo. Osonkanyez­i kuthiwa bayinameki­le imbotshana leyo njengesiba­mbiso.

Kuthiwa kube kuhle ukuthi kusheshe kubonakale lokhu ngaphambi kokuba labo sonkanyezi abangabase­United States of America (USA) - okuhlelwe ukuba babuyele emhlabeni ngoZibandl­ela (December) 2018.

Okungakaca­ci wukuthi ngabe le ngozi yenzeke emhlabeni ngaphambi kohambo noma yenzeke khona emkhathini ngoba phela kuthiwa izicucwana zamadwala ezibizwa ngemicrome­teorite [okuyizimbu­mbulwana (ezilingani­selwa ku-0.001mm - 2mm) ezikwazi ukudlula kwingubo-mkhathi yoMhlaba zihamba ngesivinin­i esikhulu kangangoba ziyakwazi ukuklwebha insimbi ngisho zizincane kangako.

Nakuba kusesekuse­ni ukuba kushiwo ukuthi ingozi idalwe yini, kodwa kusolwa iphutha komunye wochwephes­he ngaphambi kohambo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa