Ilanga

Utholwe elenga umhlengika­zi

Isidumbu sakhe sibonwe yisivakash­i ebesise-Oribi Gorge

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UBONGA ukuthola ithambo lendodakaz­i yawo umndeni womhlengik­azi waseGamala­khe, ePort Shepstone, isidumbu sayo esitholaka­le sibhajwe ezihlahlen­i ngeledlule emuva kokuba inyamalale ngoLwesith­athu olwedlule iyothenga imoto.

Isidumbu sikaNkz Nelisa Cele (31) kuthiwa sitholwe yisivakash­i saseGoli ebesisenda­weni ethandwa kakhulu yizivakash­i, i-Oribi Gorge, sithwebula izinyoni.

Kuthiwa sibone into ilenga esihlahlen­i sathi uma sisondela, sabona ukuthi yisidumbu esigoqwe ngezindwan­gu, silenga esihlahlen­i.

UNkk Babongile Cele, oyisingani­na ( step mother) sikamufi nokhulumel­a umndeni wakwaCele, ethintwa yiLANGA uthe: “Ngeke ngikwazi ngisho ukuchaza ukuthi isidumbu sakhe sikusiphi isimo kodwa sibonga uNkulunkul­u ngalesi sivakashi ebesihambe­le kule ndawo ngoba besingeke sisithole ngoba besiphoswe eweni.

“Bekubonaka­la ukuthi nomuntu osiphonsil­e ubenzela ukuqinisek­isa ukuthi kasiyophin­de sisithole. Uhambe ngoLwesith­athu ekuseni eyolanda imoto abeyitheng­a kwelinye igaraji.”

Uthi umufi ubenezinya­nga eziwu-6 ezithwele, kanti ushiye ingane eneminyaka ewu-13 ubu- dala. Uveze ukuthi ubesebenza eGamalakhe Community Health Centre.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, udlulise amazwi enduduzo kulo mndeni, wathi ukubulawa kwesiseben­zi so- mnyango wezempilo kubaphatha kabi kakhulu ngoba laba ngabantu abenza umsebenzi obaluleke kakhulu esizweni, wokuhlenga nokunakeke­la abagulayo.

“Indlela lezi zigameko esezande ngayo, iyasikhath­aza kakhulu. Siyazwelan­a nomndeni wakwaCele kulesi sikhathi esinzima kanti siyacela ukuthi abangaba nolwazi bathintane namaphoyis­a ngokushesh­a,” kusho uDkt Dhlomo esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe okwamanje bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa ayaluseben­za lolu daba.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? SITHOLWE sibhajwe esihlahlen­i isidumbu somhlengik­azi obehambe eyothenga imoto ngoLwesith­athu lwangesont­o eledlule.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E SITHOLWE sibhajwe esihlahlen­i isidumbu somhlengik­azi obehambe eyothenga imoto ngoLwesith­athu lwangesont­o eledlule.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa