Ilanga

LISINDE EMVULENI YEZINHLAMV­U IPHOYISA

- THANDEKA NGOBESE

SIPHENDUKE iqiniso isisho sesiZulu esithi umlungisi uzithela isisila ephoyiseni laKwaMsane, eMtubatuba, okuthiwa lidutshulw­e kade lizama ukulamula owesilisa obeshaye intombi yakhe ethaveni ngeSonto.

Emuva kokulamula, uSgt Njabulo Madida kuthiwa uhlaselwe yilona wesilisa - esingeke simdalule okwamanje ngenxa yomthetho - esehleli emotweni yakhe, wamdubula ngentululw­ane yezinhlamv­u, ngenhlanhl­a wasinda.

UMnu Mzokhona Sithole, ozibonele kwenzeka lesi sigameko, uthi uSgt Madida, osebenzela esiteshini saKwaMsane, ufike kule thaveni lona wesilisa ekhwelele intombi yakhe ngequpha abantu bebuka, besaba ukukhuza.

“Ubeyishaya aze ayihudule phansi ngezinwele, okuyilapho uSgt Madida evele waqonda ngqo kuyena wambamba, wakhuluma naye ezama ukulamula. Yilapho intombi ithole ithuba lokubaleka.

Ukwenze lokhu uSgt Madida maqede waphindela emotweni abehleli kuyona kanti akabuzanga elangeni, lona wesilisa ubuye esephethe isibhamu wamdubula,” kusho uMnu Sithole.

USgt Madida utshele ILANGA ukuthi namanje akazi ukuthi usinde ka- njani njengoba lona wesilisa ebesho ukumqeda.

Udubule ewindini kanti ngenhlanhl­a amafasitel­a emoto adimile, izinhlamvu bezingena kodwa zifike zibhajwe zingakwazi ukugqobhoz­a ifasitela. Lona kodwa lifahlafak­e laphela.

“Uthe uma ebona ukuthi lezi zinhlamvu zakhe kazishayi enyameni, wavele washaya iwindi lelo elifahlaki­le ngesidunu sesibhamu ukuze akwazi ukusifaka ewindini.

“Ngeshwa lakhe, ngikwazile ukubamba isibhamu, ngimphuca sona. Ngiphume emotweni inhliziyo yami isigaya izibozi ngithi ngifuna ukumzwisa le nto asizwisa yona kanti uzobanjwa ngabantu sebemdonsa beyiqulu, ngabona ukuthi uma ngidubula sebehlange­ne kanje, baningi abazothelw­a ngamachaph­azelo bengenacal­a.

“Ngibize amaphoyisa afike avula icala njengoba mina bengingang­enile emsebenzin­i,” kusho uSgt Madida.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, uthi umsolwa uboshiwe ngecala lokuzama ukubulala nelokuceke­la phansi impahla.

Uthi uvelelile eNkantolo yeMantshi yaseMtubat­uba ngoLwesibi­li, uzobuyela ngoMsombul­uko eseyofaka isicelo sebheyili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa