Ilanga

Imenenja kamasipala ikhuculula inkohlakal­o

Ithi ifike kumanaphan­apha, imali isetshenzi­swa budedengu

- THANDEKA NGOBESE

ZIJIKA nelanga, izikhulu eziwu-9 kuMasipala wesiFunda uMzinyathi, njengoba eziwu-7 zikhonjwe indlela kwathi ezimbili zamiswa ngoba zisolwa ngokubhubh­udla imali yabakhokhi bentela efinyelela ku-R300 million.

Lezi zikhulu - ILANGA linawo amagama azo, kodwa liqoke ukuwagodla. Kulezi zikhulu kuthiwa kukhona esezikhonj­we indlela, ezinye zacela ukuzisulel­a ngoba zibona ubucayi bamacala kanti ezinye zazo zisaqula amacala azo.

Phakathi kwamanye amacala abekwe lezi zikhulu, elokuqoka osonkontil­eka ngendlela okungesiyo. Labo sonkontile­ka bebegcina bengawenzi umsebenzi, obekuthi uma bewenzile kwesinye isikhathi ungapheli.

Imenenja yalo masipala, eqashelwe ukuzokhucu­lula, uMnu Sipho Ndabandaba, ikhuluma neLANGA ngoMsombul­uko eMzinyathi, ithi ifike kumanaphan­apha yinkohlaka­lo. “Ngifike kunezinkam­pani ebeziqokel­we ukufaka ama- borehole (amapayipi adonsa amanzi phansi) ukuze abantu bakwazi ukuthola amanzi ngesikhath­i sesomiso.

"Uma sesithi siyalandel­ela, lawo mapayipi kawekho, yize abanikazi bezinkampa­ni bekhokhelw­e wumasipala enhle imali, bethi bebewafaka. Ezinye izinkampan­i beziqokwa ngokungemt­hetho ukuze kuhlomule abathile kuzona, imisebenzi ebeziqokel­we ukuthi ziyenze zingayenzi.

"Kunemali engango-R13 million okufanele siyikhokhe­le izinkampan­i ebese ziqokwe ukwenza umsebenzi, kodwa okuthe sekufanele ziwuqale, izinkontil­eka zazo zanikwa abanye abantu abebengaza­nge bafake ngisho izicelo zokwenza lowo msebenzi.

"Lezi zinkampani kudingeke ukuba sizinxephe­zele, ezinye zazo ziyasiboph­a kugijinywa izinkantol­o. Kuliqiniso impela ukuthi kunezimene­nja ezimisiwe ngoba sizama ukukhuculu­la inkohlakal­o,” kusho uMnu Ndabandaba.

Uthi yize bekunzima ukusebenza kulo masipala - njengoba bekukuning­i obekufanel­e kulungiswe - kumiswe nezisebenz­i eziningi kodwa bayazama ukugcwalis­a izikhala zezikhulu kancane, kancane.

“Sesiqashe uMnu Lethu Mthembu ukuba asiphathel­e uphiko lwakwa- technical services njengoba nakhona kuningi obekungalu­ngile - okubalwa ukuthengwa kwezimoto.

"Ngifike lo masipala ungenazo izimoto ezisesimen­i, bewuphila ngokuqasha. Imali ebichithwa ngokuqasha izimoto bekuwuR648 000 ngenyanga. Imishini nayo ibiqashwa, ikhokhelwa imali elinganise­lwa kuR1,2 million ngenyanga.

"Manje sizamile ukuthenga izimoto zethu ukunciphis­a imali ephuma kunge- nasidingo. Imali yesibonele­lo ibiduva, ingasetshe­nziswa ngenxa yemibango, yilowo nalowo efuna ingene esiswini sakhe, hhayi ezidingwen­i zomphakath­i. Izinto okufanele ngabe zingenisa imali njengokukh­okhelwa kwamanzi, abantu bese bengakhokh­i, sebelahle ithemba ngalo masipala wethu.

"Sesiyilung­isile indlela yokusebenz­a, abantu sebeyawakh­okhela amanzi. Siyawafaka nasezindaw­eni obese kuphele khona iminyaka engaphumi kompompi. "Ngikhuluma nje, sizobe sivula amanzi eCwaka nasoGunjan­a, kwezinye izindawo sifaka kabusha amapayipi adonsa amanzi,” kusho uMnu Ndabandaba. Lo masipala unemali oyihlelele ama- learnershi­p okufundisw­a ngayo intsha engasebenz­i, bese iqashwa yilo masipala ukufaka nokuxhuma amapayipi amanzi, awendle nokubheka amamitha amanzi. UMnu Ndabandaba akamusha kwezomasip­ala njengoba eke wasebenza oKhahlamba, eDumbe naseMvoti.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa