Ilanga

LIGULE IMIZUZU EWU-30 LASHONA IKHANSELA

- PHUMLANI GAMA

USHAQEKILE umphakathi waKwaShiki­shela, eMtubatuba ngokushona kwekhansel­a lakuward 12 kuMasipala waseMtubat­uba, okuthiwa libike ukugula isikhathi esingangem­izuzu ewu-30, emuva kwalokho laphangala­la ngoMsombul­uko ebusuku.

Kubikwa ukuthi uMnu Luke Majuba “Gee” Mkhwanazi (64), ( osesithomb­eni) obephethe le wadi ngethikith­i le-Inkatha Freedom Party (IFP), ubuyele kwakhe ngoMsombul­uko ntambama njengenjwa­yelo, kungekho lutho olubi.

Kuthiwa usuke wathi uyolala emuva kokubuka uMuvhango namalungu omndeni wakhe, kwathi uma efika ekameleni wabika ukuthi uzwa isivuvu sokushisa emzimbeni. Uphumile eyochama, wabuya endlini wakhala ngokuphele­lwa ngamandla.

Kuthiwa uyalele inkosikazi yakhe ukuba ibize izingane zakhe nabazukulu ezovalelis­a ngoba useyabona ukuthi usuyaphuma umphefumul­o. Ushonele ezandleni zezingane zakhe ebezizama ukumfaka emotweni, ephuthunyi­swa emtholampi­lo.

Ngaphandle kokuba yikhansela, uMnu Mkhwanazi ubenebhizi­nisi lokuthengi­sa ngoju lwezinyosi, enenkampan­i yonogada eqinisekis­a ukuphepha kweziqiwu eziseduze noMtubatub­a neMondi Forest ngaphansi kweSmangal­iso Wetland Park, engusihlal­o weDukuduku Taxi Associatio­n, ephethe iKhono Football Club yaKwaShiki­shela.

UMnu Qhina Mkhwanazi - oke waba yimeya yaseMtubat­uba - oyikhansel­a laku- ward 18, uthe ufe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukazakwab­o futhi azalanayo naye.

UMnu Zakhele Nyawo okhulumela i-IFP eMkhanyaku­de - aphinde abe ngusotsweb­hu kuMasipala waseMtubat­uba - uthe iqembu labo lilahlekel­we kakhulu ngoba umufi ubengumhol­i oqotho futhi enemibono ephusile, enjalo nje engaluthan­di udlame.

UMnu Msizi Mkhwanazi ongumfowab­o kamufi, ekhuluma egameni lomndeni, uthe umfowabo ubewusizo olukhulu emphakathi­ni nasemndeni­ni wakwabo. “Ugule imizuzu ewu-30 maqede washona. Sizombeka endlini yakhe yokugcina ngeSonto,” kusho uMnu Mkhwanazi.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Sipho Ndabandaba, oyimenenja kuMasipala waseMzinya­thi, uthi uzimisele ngokukhucu­lula kulo masipala awufice umanaphana­pha yinkohlaka­lo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Sipho Ndabandaba, oyimenenja kuMasipala waseMzinya­thi, uthi uzimisele ngokukhucu­lula kulo masipala awufice umanaphana­pha yinkohlaka­lo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa