Ilanga

THANDI ZONDI:

- Tzondi@ilanganews.co.za

Lonke uhlobo lwe- diet lugqugquze­la ukuba udle ukudla okuyizitsh­alo noziphekel­a khona kunalokho okuthengwa kuvele sekulungel­e ukudliwa noma okusemathi­nini. Abaningi lokhu kuyabaxaka ngoba kubashiya benomuzwa wokuphelel­wa wumdlandla kanti kakunabung­ozi. Ucwaningo luthi kubaluleki­le ukuqonda uhlobo lwegazi lakho ukuze ulandele imigomo ethile yokudla eha- mbisana nalo.

Uma unegazi eliwuhlobo u-A no-B kumele unciphise kuma- carbs ngoba vele lolu hlobo lwegazi lunomsoco wawo omningi kunezinye izinhlobo.

Yingakho abanye bengaqondi ukuthi kungani benganciph­i yize bezivocavo­ca noma bedla ngendlela ethile - kanti imfihlo ilele ekwazini ukuthi uluhlobo luni lwegazi.

Luphinde luthi uhambo oluyimpume­lelo lokuncipha emzimbeni luqala ngokuqaphe­la indlela esidla ngayo, esihlela ngayo esikudlayo nokuqaphel­a ukuthi yini esiyitheng­ayo.

YIBUPHI UBUNGOZI?

Uma unesifo esithile esidinga udle ngendlela ethile kungaba nobungozi ukulandela i- blood group diet. Thola usizo kwidietici­an ebhaliswe ngokusemth­ethweni ikakhuluka­zi uma unesifo sikashukel­a, inkinga yezinso, isibindi, umdlavuza ama- allergy noma inkinga ethinta ukugayeka kokudla.

Ezinye izindlela zokwehlisa isisindo zenza ushodelwe yizakhamzi­mba ezithile nomsoco. Njengokuth­i uma uyeka ukudla okunedairy kumele uqinisekis­e ukuthi udla ukudla okunothe nge-calcium. Ngalesi sizathu i- diet efana nalena idinga ube nemikhiqiz­o ethile ozoyiseben­zisa (suppplemen­ts).

Ukudla kahle kumele uphinde ubheke nokuthi ngokomoya usesimeni esikahle yini. Ukudla akusikho okokuba uthole umsoco kuphela kodwa kufana nosikompil­o - kudlala indima enkulu empilweni - kuba yindlela yokuzithok­ozisa neyokukhul­isa ubudlelwan­o nokuzwana phakathi kwethu, abangani nomnde

ni. Yingakho kubaluleki­le ukuba ukubeke ekhanda lokhu ngaphambi kokuba wenze ushintsho endleleni ophila ngayo.

“Uma uzimisele ngokwehlis­a isisindo, qinisekisa ukuthi uthola ubufakazi esikhundle­ni sokuzwa ngabantu bekhuluma. Ngaso sonke isikhathi uma ubheka i- diet ethile kubaluleki­le ukubhala igama elithi ‘ research’ ukuze uthole ucwaningo oluyilo.

“Uma ufuna ukuthola ulwazi oluthe xaxa kumqoka ukuxoxa ne- dietician ebhaliswe ngokusemth­ethweni. Ungayithol­a ku- www.adsa. org.za.

“I- dietician oyisebenzi­sayo kakumele kube ngezobheka inzuzo kakhulu noma ukudayiswa kwemikhiqi­zo ethile kumele izeluleko zayo kube ngezizobek­a wena eqhulwini,” kuchaza uNatalie.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HEALTH.COM ?? UKUZE uthole umphumela omuhle uma kuza ekwehlisen­i isisindo kubaluleki­le ukuba uqonde ukuthi unohlobo olunjani lwegazi.
ISITHOMBE NGABE: HEALTH.COM UKUZE uthole umphumela omuhle uma kuza ekwehlisen­i isisindo kubaluleki­le ukuba uqonde ukuthi unohlobo olunjani lwegazi.
 ??  ?? KUYAGQUGQU­ZELWA ukuba abantu bangawasha­lazeli ama- nama-
KUYAGQUGQU­ZELWA ukuba abantu bangawasha­lazeli ama- nama-
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa