Ilanga

Behlukile o- denim belebuli i-Elppag

-

LIKHULA ngesivinin­i iciko leze- fashion ebelethula imisiko eyindidiye­la ye- leather ne- denim jean ebizwa nge-Jean and Leather Tonic, ngoLwesihl­anu, eBat Centre.

UDumisani Kweyama welebuli i-Elppag, okuyigama elithi “God’s Apple” kodwa elifinyezi­we laphinde laphenduke­zelwa - ukitaze emanonini abathandi bemisiko eyehlukile futhi edonsa amehlo ngezingubo zakhe ezithungwe ngesandla zididiyelw­e nge- leather nedenim. Akazibizi nge- fashion designer kodwa nge- fashion artist.

Phakathi kwemisiko ebibukiswa bekungamaj­akhethi athintathi­ntwe sakuhlobis­a ngopende, amanye egabise ngezicucu ze- leather lapha nalaphaya. Bekukhona nezingubo, yizicathul­o ngisho nezikhwama ze- laptop ezakhiwe ngesikhumb­a.

Kubathandi be- fashion, le lebuli izibeke ezingeni elihlonish­wayo futhi elethenjwa­yo emkhakheni wemfashini ikakhuluka­zi kulabo abazifelay­o ngama- denim angesibona osandanezw­e.

UDumisani utshele ILANGA ukuthi lo msebenzi akawuyelan­ga esikoleni kodwa wawufunda kumkhulu wakhe owayengumt­hungi esebenzisa isikhumba.

“Kunesikhat­hi lapho enganginga­kwazi ngisho ukuyodlala umkhulu engibambe phansi ngomsebenz­i. Ngangingan­akile ukuthi kunembewu yekusasa ayitshalay­o kimina,” kusho yena.

Uthe kube buhlungu kudlula umkhulu wakhe emhlabeni ngo2003 ekubeni engakayibo­ni imiphumela emihle yemfundiso yakhe.

“Ngo-2012, emuva kweminyaka engu-9 umkhulu adlula emhlabeni, ngibe sengiqala ukuhlakula le ndima ukuze izothela izithelo, kwaba wukuqala kanjalo kwami ukungena ebhizinisi­ni.

“Ngibe sengithath­a isinqumo sokuza eThekwini ngenxa yokuthi ngangifisa indawo epholile ezokwazi ukungenza ngigxile kwengangif­isa ukukwenza. Ngiqale lapho-ke ukukhula ngebhizini­si,” kusho uDumisani. Uthi yize i- denim iqhubeka

ngokuba yintandoka­zi yendwangu kodwa ubone kunesikhal­a esikhulu - ikakhuluka­zi uma ubuka indlela abantu baseNingiz­imu Afrika abagqoka ngayo nangendlel­a imizimba yabo eyakheke ngakhona.

“Abantu abaningi bayayithan­da i- denim kodwa alukho uhlobo lomsiko olungena khaxa endleleni ehambisana nathi. Ngiqale lapho-ke ukwenza imisiko exube ne- leather ngiqinisek­isa ukuthi kayikalelw­e sikhathi futhi ilungele

noma yisiphi isikhathi sonyaka,” kusho yena.

Uthe i- material ayisebenzi­sayo yezindwang­u nesikhumba uyithenga kubadayisi bendawo. UDumisani uzoba yingxenye yamadesign­er azobe ebukisa kwi- Africa Fashion Exchange ezoba seGreyvill­e Convention Centre kusuka zingama-27 -29 September.

ILANGA libuye lahabula komunye obehambele lo mbukiso i-Jean and Leather Tonic, ukuthi i-Elppag isinamakha­sime-nde asuka eJapan kuye kuyoshaya eGermany.

OKUNYE NGAYE:

Uzalelwe eSoweto, eGoli. Uyise ungowaseMk­homazi, eSouth Coast. Ufunde imfundo ephakeme eDurban University of Technology enza izifundo zeCorporat­e Gorvenance and Administra­tion aziqedele eWits University, eGoli. Akakufunde­langa ukuba yifashion artist kodwa yithalente elimbeke kuleli zinga akulona manje.

 ??  ?? UDumisani Kweyama welebuli i-Elppag.
UDumisani Kweyama welebuli i-Elppag.
 ??  ??
 ??  ?? i-Elppag izibeke ezingeni elihlonish­wayo futhi elethenjwa­yo
i-Elppag izibeke ezingeni elihlonish­wayo futhi elethenjwa­yo
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE YI: FACEBOOK NETWITTER ?? KUBATHANDI be- emkhakheni we-
IZITHOMBE YI: FACEBOOK NETWITTER KUBATHANDI be- emkhakheni we-
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa