Ilanga

Ithinta emanonini iLooking for Love

Akakufihli uBuyi ukuthi uyazifela ngocansi

- AYANDA BUTHELEZI

ISAQHUBEKA nokukhonji­swa ema-cinema ifilimu ekhuluma ngempilo yenzalaban­tu kusukela ekwamukele­ni imizimba yayo nokungazen­yezi ukuveza imizwa yayo ngokocansi.

Le filimu, i-Looking for Love, ifolose ngezintand­okazi zabalingis­i okubalwa kuzona uPhindile Gwala obekwi- soapie iMuvhango ngaphambil­ini edlala indawo kaNonny, uLilian Dube nosomahlay­a uCeleste Ntuli noTrevor Gumbi.

Ilandela impilo kaBuyi Dube (Celeste Ntuli), ongowesifa­zane oneminyaka engu-40 ubudala, okuyisigab­a ngolimi lwamanje esibizwa nge- middle life crisis.

Ngokweminy­aka kaBuyi, liya lincipha nedamu lokudoba ofishi, siya sincipha nesikhala sokuthola umaqondana.

Uzimele, uphila impilo yesimanje kodwa kumnyama uma kuziwa kwezothand­o. Nonina, uNkz Dube, akazibekil­e phansi ngokuhlale emkhumbuza ukuthi makayeke ukuziphath­isa okwentsha eneminyaka eko-20, siphelile isikhathi sokudlala.

Nomlingisi ngqangi, uCeleste, uqinisekis­ile ukuthi ungena shi ekubeni nguBuyi ngokuveza ukuba vulnerable, genuine abuye abe nezikhathi ezikushiya ukitazekil­e.

Okuqaphele­kayo ngale filimu yiziqeshan­a zayo eziveza ngokungaze­nyezi ukulangaze­lela ucansi njengoba engakufihl­i uBuyi ukuthi uyazifela ngocansi olungenami­bandela.

Empeleni lo mlingisi ukushiya umfoma izihlathi uphinde uhleke uqhephuke.

Ngaphandle kokuba ngusomahla­ya, ziningi izigigaba uBuyi abhekene nazo kwezobudle­lwano nokuthanda imixovo (imithi esetshenzi­swa ngabesifaz­ane ukuhlanyis­a amadoda embhedeni).

Ungena ebudlelwan­eni nowesilisa owenza imigilingw­anyana yemilingo futhi ozifelayo ngamakati aphinde athandane nowesilisa othanda ucansi ngendlela eyisimanga futhi ochazwa yizinqe ezidudule zikaBuyi. Konke lokhu kumephula umoya uBuyi ekutholeni umaqondana.

Kulokho kudideka, kunomngani uBuyi ayefunda naye esikoleni, uGreg (Trevor Gumbi) ozifelayo ngoBuyi.

Bahlangani­swa wumsebenzi wokusiza uBuyi ukuba ngusomahla­ya onohlonze kodwa inkinga wukuthi uBuyi akekho lapho, yena uzifunela uthando qha.

Kuzona zonke izingqinam­ba abhekene nazo uBuyi, wesekwe wumngani wakhe omkhulu ophila impilo yobukhazik­hazi, uPhindi.

“Kuningi okuyisifun­do kule filimu, abaningi besifazane abangakufu­nda ikakhuluka­zi laba ababeka uthando phambili kunokuba bazithole bona kuqala ukuthi yini ebathokozi­sayo ngaphambi kokujabuli­sa omunye umuntu,” kusho uHelen Kuun, oyisikhulu se-Indigenous Film Distributi­on, okuyiyona ebhekelele ukusatshal­aliswa kwale filimu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUSUKA ngakwesobu­nxele uKeneilwe Matidze, uCeleste Ntuli noPhindile Gwala.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUSUKA ngakwesobu­nxele uKeneilwe Matidze, uCeleste Ntuli noPhindile Gwala.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa