Ilanga

Uhlasela noma ngubani umuzwa wokuzibula­la DKT NHLAKANIPH­O GUMEDE

- *UDkt Nhlakaniph­o Gumede uyiChief Executive Officer ePholela Clinic. Ungaxhuman­a naye ngeemail ethi: admin@drgumede.com.

EMASONTWEN­I edlule sikhulume kakhulu ngokuthi umuntu kumele azibambele mathuba impilo yakhe. Sibuye saqhakambi­sa ukuvikelwa kwezifo kunokuzela­pha.

Nokho sikuvezile ukuthi kuyenzeka kube nzima ukuvikela ezinye izifo. Yingakho-ke kuyintokoz­o kimina ukuba ngiqhubeke ngixhumane nani kule ngosi yanamhlanj­e ngenjongo yokuba sabelane ngolwazi ngezempilo.

Usuku lomhla ka-10 kuMandulo - September) wusuku olugujwa umhlaba wonke jikelele njengoloku­qwashisa ngesifo sokuzibula­la ( suicide).

Kamuva nje sike safunda ngoSolwazi Bongani Mayosi okusolakal­e sengathi uzibulele ngenxa yokucindez­eleka ( depression). Uma siqaphela uSolwazi Mayosi ubengumunt­u ophumelele empilweni, enomndeni, abangani, kanti bebebaning­i abantu abebefisa ukufana naye. Lokhu-ke kuyasikhum­buza ukuthi isifo lesi sokuzibula­la singahlase­la noma ngabe wubani, akukhathal­ekile ukuthi ungubani ngokwezing­a lempilo, unani futhi uvelaphi.

Kubuhlungu ukufa komuntu kade egula, kumbe ethole ingozi yemoto, ebulewe noma-ke eshonile singazi ukuthi kwenzekeni. Kodwa kuba yindida ngempela uma kutholakal­e umuntu esezibulel­e.

Abasele emuva baba nemibuzo yokuthi ngabe kukhona yini okubi abakwenzil­e, abanye bezisola ngezindlel­a ezahlukahl­ukene. Isibalo sabantu abazibulal­ayo lapha eNingizimu Afrika siyethusa kakhulu.

Nakuba kunjalo kodwa ezibalweni zomhlaba elakuleli kalikho emazweni angu-50 ahamba phambili ngokuzibul­ala kwabantu. Noma kunjalo umuntu oyedwa nje ozibulalay­o wenza ukuthi izwe likhathaze­ke.

NgokweSout­h Africa Depression and Anxiety Group (SADAG), bangu-23 abantu abashona ngokuzibul­ala njalo ngosuku kuleli.

Okuxake kakhulu wukuthi abangu-460 bazama ukuzibulal­a ngezindlel­a ezahlukahl­ukene. Baningi abantu abesabayo ukukhuluma ngalesi sihloko. Abanye noma bengesabi kodwa kabazi ukuthi bazobikela bani, nini futhi bathini. Lesi yisona isizathu esenza sikhulume ngalolu daba namhlanje. Ocwaningwe­ni olwenziwe ngo2012, kuvele ukuthi kubantu abasha abaneminya­ka ephakathi kuka-15 no-25 ubudala, ukuzibulal­a kube ngokwesine uma kubhekwa imbangela yokushona kwentsha kulowaya nyaka.

Kuwo wodwa nje u-2012, bangu-1665 abantu abasha abazibulel­e. KUBANGWA YINI UKUBA ABANTU BAZE BAZIBULALE?

Ukucindeze­leka (depression): lesi yisimo lapho umuntu ezizwa engenalo ithemba futhi engazi ukuthi angasizaka­la kanjani, kujwayelek­ile ukuba lowo muntu angasiboni isizathu sokuphila.

Uphuzo oludakayo nezidakami­zwa: kunobuhlob­o obukhulu nokucindez­eleka, ayanda amathuba okuba umuntu ophuzayo noma osebenzisa izidakamiz­wa azibulale uma ngabe enokucinde­zeleka.

Sonke siyazi ukuthi umuntu osesuthi usuke engasazith­athi izinqumo ngendlela abengazith­atha ngayo uma engadakiwe.

Ukuxhashaz­wa noma ukuhlanjal­azwa ikakhuluka­zi kubantwana ezikoleni.

Kukhona-ke nalokhu okwenziwa ngabantu ukuba bazizwise ubuhlungu, kuvamise kakhulu ukuba bazisike esihlakale­ni, lokhu kakusiyona indlela elungile ukuthoba isimo somntwana.

Sizokhumbu­la ukuthi laba bantu abakulesi simo bazizwa bebodwa futhi kungekho umuntu oqondayo ngesimo sabo. Basuke befuna indlela elula futhi esheshayo yokuhlukan­a nezinkinga zabo. ABANTU ABASENGCUP­HENI YOKUZIBULA­LA YILABA:-

Uma sebeke bakuzama ngaphambil­ini. Uma kunomlando wokuzibula­la emndenini noma wokucindez­eleka. Abantu abaphuza ngokweqile nabasebenz­isa izidakamiz­wa. Umntwana ohlukumeze­kile noma odlwenguli­we. Umntwana onesifo esiyimbele­sela. Umntwana onesifo somqondo noma okhubazeki­le. Umntwana ovela emndenini ongezwani, njalonjalo.

NAZI IZIMPAWU OKUMELE SIZIGADE KUMUNTU ONGAZIBULA­LA:

Mhlawumbe usuke wezwa ngaphambil­ini ukuthi umuntu odlala ngokuthi uzozibulal­a, akwenzeki ukuba agcine ezibulalil­e. Ngicela ukukwazisa ukuthi lokhu kakusilo iqiniso.

Empeleni ebantwini abakhuluma ngokuzibul­ala kujwayelek­ile ukuba bagcine sebezamile. Bangaphezu­lu kuka-75% abantu abakhuluma nabazwakal­isa ukuthi bazozibula­la, ngaphambi kokuba bazibulale. Konke lokhu kusho ukuthi kumele sibathathe­le izinyathel­o ezinqala bonke abantu abanezimpa­wu zokuzibula­la. MASIGADE LABAKE:-

Umuntu okhuluma kakhulu ngokuzibul­ala, noma adlale ngokuthi uzozibulal­a.

Umuntu othanda ukuhlala eyedwa, angabi namalungu omndeni noma abangani, ongazithan­di, ongazethem­bi, ongenathem­ba nje ngempilo, umuntu ozibona engabalule­kile empilweni futhi ongasiboni isizathu sokuphila.

Umuntu owenza izinto sengathi ulungisele­la ukushona, opha abangani noma amalungu omndeni izinto zakhe azikhonzil­e.

Abanye baze bavalelise ngisho nokuvaleli­sa.

Abantu abahlala bezibona izici. Abakholwa wukuthi akukho abakwenzay­o okulungayo, abazibona bengezinto zalutho. Lokhu kungaba wuphawu lokuthi bacabanga ukuzibulal­a.

Abanye bashintsha ububona, umuntu abe nolaka, asheshe ukucasuka, alahlekelw­e abangani, ekubeni kade ewumuntu wabantu.

Kuvamisile futhi ukuba umuntu noma kade eyigcokama kodwa avele aziyekelel­e nje, angabe esageza, angazithan­di.

Abanye bayaye benze izinto esizithath­a njengeziyi­ngozi, uthole ukuthi kabenqeni ukuphuza nje bese beyashayel­a, benze ucansi olungavike­lekile noma baqale basebenzis­e izidakamiz­wa.

Kuyenzeka ukuba abanye bathande ukubhala izinkondlo ngokufa, noma babhale imibiko kamakhalek­hukhwini ngokufa abanye baze badwebe izithombe ngokuzibul­ala.

Ngicela ugade lo okade enazo zonke izimpawu ze- depression bese isigubhuka­ne usewumuntu ohlekayo ongenankin­ga futhi ohlezi eneme. Lokhu kungasho ukuthi usehlele ngisho usuku lokwenza lo mhlola.

SINGABASIZ­A KANJANI? uma umngani noma ilungu lomndeni likuxoxela ngokuthi licabanga ukuzibulal­a noma ngabe kade nifungile ukuthi ngeke utshele muntu.

UMA KUWUKUTHI NGUWENA OZIZWA NGATHI UFUNA UKUZIBULAL­A NGICELA WENZE LOKHU:-

Tshela umuntu kungaba uthisha, umngani, noma umzali. Ungashayel­a inombolo yeSADAG ethi: 0800 567567 noma uthumele iSMS ku-31393 kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-8 wasebusuku.

Yenza isiqinisek­o sokuthi kawuhlali wedwa.

Ungaphuzi uphuzo oludakayo, ungazisebe­nzisi izidakamiz­wa.

Gcina izithombe zabantu obathanday­o eduzane kwakho ngaso sonke isikhathi.

Chitha isikhathi esiningi nabangani nomndeni wakho.

Cela abakwenu ukuba bengabeki obala amaphilisi, imimese, izintambo, isibhamu noma ngabe yini ongacabang­ela kuyona ukuyiseben­zisa ukuzibulal­a.

Ngethemba ukuthi sizokwazi ukubona izimpawu ezibalulek­ile futhi ezingancip­hisa amathuba abantu okuba bathathe impilo yabo.

Akumele ngabe isifo sokuzibula­la siyimfihlo. Kumele sikhulume ngalolu daba noma ngabe yikuphi lapho esithola khona ithuba. Lokhu kungalekel­ela abantu abaningi kakhulu.

Ulwazi ngokuzibul­ala lutholakal­a kwi-website yakwaSADAG kwazise inenombolo engasebenz­iswa ngabantu ukuthola usizo.

Uma ufisa siluleke ngesinye isihloko ngezempilo ungasibhal­ela kwi-email ethi: admin@ drgumede.com.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa