Ilanga

Kulula ukulondolo­za imali kwi-stok'fela

- *Uma ufuna ukuxhumana nathi e-Inkunzi Wealth Group sishayele ucingo ku: 087 160 0018, okanye usithumele­le i-email ku: invest@iwgsa.co.za

Senisithat­hile isinqumo sokulondol­oza imali ngokuyifak­a ebhange kepha kusenezikh­alo. Lapha sibheka izimpendul­o emibuzweni eyaye ishiye ukudideka kanti kungahle kusize ukuba istok’fela sibheke ezinye izindlela zokulondol­oza kwezinye izikhwama ezingaleth­a inzuzo.

NGABE UDINGA IMALI ENINGI UKULONDOLO­ZA IMALI KWIZABELO?

Udinga imali elinganise­lwa ku-R2 500 ngenyanga ukuqala ukulondolo­za okanye ukwenza utshalomal­i. Njengestok’fela ningafaka isamba semali noma nifake imali nyanga-zonke. Ningakwazi futhi ukuyengeza imali eniyitshal­ayo noma nini.

NGEKE YINI ISTOK’FELA SIKWAZI UKUTHOLA IMALI NOMA NINI UMA SIYIDINGA?

Kasikho isikhathi esikaliwe uma utshala imali ngaphansi kwezinhlel­o ezifana nama- unit trust, okuwuhlelo oluhle kakhulu ukusetshen­ziselwa istok’fela. Lapha uyakwazi ukukhipha imali noma ngabe yinini nxa usuyidinga ngaphandle kokukhokha inhlawulo.

IMALI YESTOK’FELA KAYIPHEPHI­LE NXA INGEKHO EBHANGE

Kuwumtheth­o ukuthi ngaphambi kokwethulw­a kwesikhwam­a samaunit trust, kumele kuqokwe ozosibheke­lela (isikhwama), phecelezi i- trustee. Lokhu kwenziwa ukuqinisek­isa ukuthi imali ivikelekil­e.

Ngisho noma inkampani esingethe umnotho ingaphelel­wa yimali, i- trustee izoqinisek­isa ukuthi imali yestok’fela iphephile.

IMALI YESTOK’FELA IZOKWEHLEL­WA YINTENGO YAYO

Zonke izinhlelo zotshaloma­li zinobungoz­i, ngisho nemali oyibeka ebhange imbala. Nokho ukwehla nokwenyuka kwentengo yemali yakho kulele ekutheni uzimisele ukuthatha utshalomal­i olunobungo­zi obungakana­ni.

Kunezikhwa­ma zama- unit trust okuhloswe ngazo ukuvikela imali yakho kepha zinenzuzo engcono kunokubeka imali ebhange.

NGABE SIZOKHOKHA INHLAWULO EPHEZULU?

Inhlawulo iyinkinga uma ungaqondi ukuthi uyikhokhel­ani. Isibonelo, umshwalens­e wezempilo uyabiza kodwa intengo yosizo olutholayo uma usuwudinga iphezulu. Izindleko kule mboni ziyalawulw­a kanti ungaxoxisa­na nomeluleki wezemali mayelana nezindleko. ASITHEMBI MUNTU NGEMALI YETHU

Kuwumtheth­o ukuthi umeluleki wezemali, abe ngaphansi kweFinanci­al Service Board (FSB). Phezu kwalokho, kumele umeluleki wakho akunike imininingw­ane eqinisekis­ayo ukuthi ugunyaziwe ukweluleka.

Okuhle wukuthi ungakwazi ukuqinisek­isa imininingw­ane yakhe kwi-website yeFSB. Lokhu kukusiza ekutheni uthole ukwelulekw­a kumuntu ogunyaziwe.

KUMELE SILANDELE IMITHETHO NEMIGOMO YABANYE ABANTU

Ukutshala imali phansi kohlelo lwama- unit trust kuyindlela ekhululeki­le yokulondol­oza. Kakunamgom­o ekuvimba ukuphatha istok’fela ngendlela enifuna ngayo.

SINGAKUSIZ­A KANJANI NJENGESTOK’FELA?

Sivuleleki­le ukuveza imiphumela yotshaloma­li kumalungu estok’fela.

Bonke abeluleki bethu baqeqeshiw­e futhi bagunyaziw­e ukukunika usizo olusezinge­ni eliphezulu.

Siyaye sikunike izincomo ezilungele izidingo zestok’fela ngoba siyaqonda ukuthi ningayidin­ga noma nini imali, kanti kumele kube lula ukuyithola.

Wonke amalungu angakwazi ukubheka utshalomal­i lwestok’fela esebenzisa ubuchwephe­she.

Sikusiza ngolwimi lwakho

 ?? IZITHOMBE NGABE: ENCA/ THE SOUTH AFRICAN.COM ?? UMLOBI uveza ukuthi zonke izinhlelo zotshaloma­li zinobungoz­i, ngisho nemali oyibeka ebhange imbala. Nokho uthi ukwehla nokwenyuka kwentengo yemali yakho kulele ekutheni uzimisele ukuthatha utshalomal­i olunobungo­zi obungakana­ni.
IZITHOMBE NGABE: ENCA/ THE SOUTH AFRICAN.COM UMLOBI uveza ukuthi zonke izinhlelo zotshaloma­li zinobungoz­i, ngisho nemali oyibeka ebhange imbala. Nokho uthi ukwehla nokwenyuka kwentengo yemali yakho kulele ekutheni uzimisele ukuthatha utshalomal­i olunobungo­zi obungakana­ni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa