KUNINGI OKUNOMTHELELA EKWENYUKENI KUKAPHETHILOLI
NGENXA yokuba kuvamisile ukuba intengo kaphethiloli iphendulwe ibhola lomnqakiswano wezepolitiki, kunesidingo esikhulu sokuba lishunyayelwe njalo ivangeli lokuthi kuningi okunomthelela ekwenyukeni kwentengo kaphethiloli.
Okudala lesi simo esiyishwa wukuthi ukwenyuka kwentengo kaphethiloli kuyaye kuthinte cishe wonke amanani ezidingo zempilo yemihla ngemihla.
Kunjalo nje amandla emali yethu athinteka ngqo ngokwenzeka ezimakethe zezimali zamazwe ngamazwe.
USolwazi Bonke Dumisa usike elijikayo ngeminye yale mithelela emandleni eRandi, ekhasini lakhe leFacebook ngokuqala kwaleli sonto.
Ubezibuza eziphendula ukuthi kazi uhulumeni angakwazi yini ukuphinda angenelele ekubeni ukwenyuka kwentengo kungaqongi kakhulu njengoba kusuke kusho izinkomba ngesimo vele esisuke sikhona ngenxa yale mithelela esishiwo.
Imibiko yabezindaba idalule ukuthi ukwenyuka kwentengo kungase kufinyelele ku-R1 owohlobo lwe-95.
USolwazi Dumisa uphawula ngokusimama kancane kweRandi okuqale ngalo isonto obekukade kumenyezelwe ngalo ukuthi kubukeka izwe lingaphansi kwenzikamnotho ngenxa yokungenzi kahle kwalo kwezohwebo namanye amazwe emakwateni amabili elandelana, ochwepheshe abathe yi-technical recession.
Ngesikhathi sokuphawula kukaSolwazi Dumisa, irandi bese lingu-R15,09 nge- dollar lase-United States of America (USA) kanti ekuqaleni kwesonto belinguR15,26 nge-dollar lase-USA.
Empeleni nasemalini yamazwe ahlukene lithande ukusimama. Kodwa-ke lokhu kuzokhinyabezwa wukuthi intengo kawoyela ongahluziwe ezimakethe zomhlaba yona yenyukile njengoba ivule ngo-US$79.50. Lokhu kubi-ke ngoba nakanjani kuzoyenyusa intengo kaphethiloli.
Okumele umphakathi wakuleli zwe ukukhumbule wukuthi le mithelela iyazilawula, ngakho-ke kuwukugagamela ukushesha komunwe ukukhomba ubuholi bezombusazwe nalapho konke kusobala ngezizathu zokwenyuka kwentengo kaphethiloli.