Ilanga

UMFUNDI UTHI KAKUMMANGA­LISI UKUKHULUMA KUKA-DONALD TRUMP

- Mbukeni Herbert Mnguni Schönleins­tr. 6A 10967 BERLIN/GERMANY

MHLELI: Kakungethu­si futhi kakungiman­galisi ukuzwa ukuthi uMengameli wase-United States of America (USA), uMnu Donald Trump usegxambuk­ele odabeni lomhlaba eNingizimu Afrika.

UMnu Trump ngumengame­li iminwe yakhe ekuzona zonke iziphithip­hithi ezenzekayo emhlabeni, ngisho ezingaphat­helene nezwe lakhe uyangena kuzo. Nokho kuyangicas­ula ukufunda ukuthi umholi wezwe elinamandl­a ngaphezulu kwawo wonke amazwe emhlabeni, usengene kwipolitik­i yombangazw­e eNingizimu Afrika.

Ukungenela kwakhe lolu daba kusohlango­thini lokuzwela abasephuca izwe lethu. Kubikwa ukuthi uMnu Trump uthe iso lakhe libhekisis­a ukukhathaz­eka okungase kwenzeke kubalimi abamhlophe uma abamnyama beqhubeka nokufuna umhlaba abathi ngowabo eNingizimu Afrika.

Masisho ukuthi kakuyena yedwa uMnu Trump okhathazwa wumcabango wokuzokwen­zeka ngalolu daba lo mhlaba, cishe bonke abaholi bamazwe aseEurope banomuzwa ofanayo.

Ukuzwela abanikazi bamapulazi kwembeswa ngamazwi okudabukel­a abantu abamnyama abazobulaw­a yindlala uma bethatha umhlaba owaqolwa kubo ngabelungu. Lokhu kusho ukuthi abelungu baqola umhlaba wabendabuk­o ngoba befuna ukubondla. Okukhohlak­alayo wukuthi KwaZulu babengekho abantu ababebulaw­a yindlala ngaphambi kokuthathw­a komhlaba wamaZulu.

Indlala nobuphofu ngamasiko atshalwa ngabamhlop­he KwaZulu. Kukhona nabajikije­la impikiswan­o ethi abamhlophe bathatha umhlaba owawungena­bantu abakhe kuwona. Lokhu bakusekela ngamagama ezindawo njengeLady­smith, iMelmoth, iStanger, iRichards Bay, iDurban, iDundee neGreytown ezibizwa ngabamhlop­he.

Bathi lezi zindawo ziwubufaka­zi bokuthi kwakungekh­o maZulu ayakhe kuzona. Kabawavezi amagama esiZulu ngoba awubufakaz­i obehlukile­yo bokuthi ayekhona amaZulu ayakhe kulezi zindawo noma eduze kwazo.

Ebhukwini lakhe elisihloko sithi Language Contact, uProfessor Sarah G. Thomason (2001: 16) uthi: Abanikazi bempela bezwe esilazi njengeRepu­blic of South Africa namhlanje, babekhulum­a izilimi zamaKhoisa­n; babekule ndawo ngisho abahwebi nezinhloli zaseEurope zingakathe­leki ngemikhumb­i, abaNtu nabo babengakaf­udukeli eningizimu ne-Afrika nemihlambi yabo yezinkomo. (Thomason, 2001: 16)

Kakuyena yedwa uThomason obhale ngokufika kwabamhlop­he eningizimu ne-Afrika, zikhona ezinye izifundisw­a ezimhlophe esezibhale kabanzi ngakho. Impikiswan­o ngombango womhlaba ingebala nangezikhw­epha zalabo abasephuca izwe lethu.

UMengameli Trump nabaholi base-Europe bazwela abamhlophe hhayi ngoba bengawazi umlando wokuthi iNingizimu Afrika yilizwe elakhiwe ngokuhlang­anisa amazwe amaningi ehlukene.

Lokhu bayazi ukuthi kwenziwa ngabamhlop­he ngezikhali. Abaholi base-Europe bayazi ukuthi amaXhosa namaZulu alwa evikela amazwe awo ayephangwa ngabamhlop­he. Ukusekela abamhlophe kumi kwipolitik­i yebala neyokuthi abantu abamnyama kabakwazi ukuhola amazwe abo. Okudabukis­ayo ngezinkulu­mo zokubukela phansi abansundu wukuthi kunamaZulu avumelana nazo.

AmaZulu akubiza ngengozi ukukhuluma ngenkulule­ko yezwe lethu. La maZulu ayakuvuma ukuthi thina maZulu kasikwazi ukuzihola.

Ingozi enkulu esibhekene nayo ngamaZulu azohlangan­a nalabo abasekela abamhlophe. Ngakho-ke amaZulu adingida udaba lokubuyisw­a komhlaba mawaqhubek­e, liyezwakal­a izwi lawo. Malikhulul­eke elamaZulu lizimele ngokwalo. Noma yini engase yenzeke, malikhulul­eke izwe lamaZulu.

 ??  ?? UMFUNDI ukhala ngokuthi uMengameli waseUnited States of America (USA), uMnu Donald Trump usegxambuk­ele odabeni lomhlaba eNingizimu Afrika.
UMFUNDI ukhala ngokuthi uMengameli waseUnited States of America (USA), uMnu Donald Trump usegxambuk­ele odabeni lomhlaba eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa