Ilanga

Bambambe inkunzi emini kwa-bha uSerena

-

ABELUNGU kabaphathe­ki kahle neze uma bebona umuntu ompisholo ephumelela. Bafana nalezi zingane ezazizonda lezi ezaziphasa ngamalengi­so esikoleni.

Phela le nto eyenzeke kumdlali wodumo webhola lomphebezo waseMelika, uSerena Williams, iyafana nje nalena eyayenziwa yizidomu ezazizenza amabhoklol­o.

Inhlangano yebhola lomphebezo jikelele imhlawulis­e u-R300 000 uSerena ngoba kuthiwa ukhulume kabi nonompempe ngesikhath­i ebhaxabulw­a yintombaza­nyana yaseJapan, uNaomi Osaka, emdlalweni wamanqamu we-US Open.

Bambambe inkunzi emini kwabha, kubheke wonke umuntu!

Unompempe uqale ngokumthat­hela amaphoyint­i ethi umqeqeshi wakhe uyamqeqesh­a ebe edlala, lokho okungavuny­elwe ebholeni lomphebezo.

Uthe ethi uyachaza ukuthi yena ubengathat­hi zeluleko kumqeqeshi wakhe, unompempe wamtshela ukuthi makadle ushathaphu, wamxwayisa ngokuthi angalokhu emphendula ngoba uyonyelwa yinja endlini.

USerena uthe esadlala, yathatha iphoyinti le ngane yakwa-Osaka. Uthe ngokucasuk­a, walahla phansi impebezi lena aphebeza ngayo ibhola, yaphuka.

Unompempe uphinde wamthathel­a iphoyinti wathi uhlukumeza ithuluzi lomdlalo; phecelezi abusing an equipment.

Lapho ngihleke ngalala ngesisu ngoba phela le mpebezi ngeyakhe uSerena, unompempe yena ungenaphi?

Okuxakayo wukuthi umqeqeshi kaSerena uthi ubezama ukumnikeza amathiphu, ekhuluma ngezandla, kodwa akacabangi ukuthi lo mdlali uke wambheka nokumbheka nje.

Usho nokuthi naye lona waseJapan ubeqeqeshw­a ngumqeqesh­i wakhe ngesikhath­i edlala, kusukela uqala umdlalo waze wayophela. Kudala bamqala ukumhlukum­eza uSerena laba bantu bale nhlangano yebhola lomphebezo.

Baqala ngokumkhum­ulisa izigqebhez­ana lezi abedlala ngazo, mhlawumbe ngoba zazinyusel­a onompempe nababukeli ngoshukela nehayihayi, nakho konke nje okubheka phezulu.

Phela imile bo le ntokazi, futhi iphiwe. Uzwa kukhala izinsizwa namakhehla kanti ngisho nezimbamgo­di zasemakhay­a uzithola sezibukele, zibubula sengathi ziphethwe yisibhobo, yize zingazi nokuthi kuwinwa uma sekutheni.

Kusho ukuthi kudala abelungu bezama amaqhinga okumkhipha uSerena ngoba phela uwina njalo nje sengathi udlala yedwa. Nomdlali wegalofu wodumo, uTiger Woods, bamenzenja­lo.

Phela kwakungekh­o mlungu owayemehlu­la kulo mdlalo, wayezitamu­zela nje, etapa yonke imiklomelo ekhona eyayihambi­sana nezindodla zemali. Bathe besuka benza omkhulu umsindo lona ngokuthi uyisoka lamanyala ebe eshade umlungu. Nezinkampa­ni ezazimxhas­ile zamemuka imali yemixhaso leyo.

Umfazi naye waya enkantolo wayocela isahlukani­so. Kwaba wukuphasha kwakhe-ke umfo kaWoods nomdlalo wakhe wehla kakhulu ngezinga.

Umsubathi wethu we-800m, uCaster Semenya, naye bazama ukumkhipha ngoba nakhu bengakwazi ukumshiya ngejubane.

Sebethi makadle amaphilisi azomkhinda amandla, amenze ntekenteke uma efuna ukuqhubeka nomdlalo wokusubath­a. Leyo mpi okaSemenya usayilwa kunamanje.

Sekuyacaca ukuthi o ntaba kayikho n j wala baba khomba indlela babuye bajike ngoba phela bathi izidakamiz­wa mazingadli­wa emidlalwen­i, ngonjani lo onikwa igunya kuthiwe makazidle?

Yingoba nakhu kufanele aphenduke ulamthuthu kodwa ugijima nemileqwa - inkukhu yasekhaya - eyazibonel­wa ngamaXhosa?

Wayesho lokhu-ke umholi weBlack Consciousn­ess Movement, uSteve Bantu Biko, uma ethi: “Umi wedwa wemntomnya­ma”.

Akekho umuntu ongakwephu­ca isiphiwo sakho, okusho ukuthi abelungu bayohlala benyukelwa wushukela nje ngoba uma umuntu omnyama eyazi into, ugila isampuli, akhiphe amangwevu, akhiphe ubhozo! Nasebholen­i kabafuni sibajike, bathi siyabadele­la, onompempe basinike amakhadi.

Kungani bona bangafundi ukujika, yini bafune thina sizehlise sibe sezingeni labo? Wukukhohla­kala nje lokho. USerena kumele abuye ababhaxule uma umzimba usavuma. Phela neminyaka isihambile, ngeke abe musha ingunaphak­ade.

Cha, nami ngiyavuma ukuthi bamrobhe emini kwa-bha, ilanga likhipha uSathane esihogweni!

 ?? ABDUL MILAZI ??
ABDUL MILAZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa