Ilanga

Ayibonwa inkululeko emajalidin­i

- Ilotshwe ngu-Aviwe Nkunjana owenza unyaka wokuqala E-University of KwaZulu-Natal.

AKUYONA imfihlo ukuthi abasizi basezindli­ni basabheken­e nobunzima obafika nobandlulu­lo, basahlukun­yezwa ngabaqashi babo nanamuhla.

Okubuhlung­u kukho konke lokhu, kuthiwa siphila ezweni lenkululek­o, kodwa izinto esizibonay­o mihla namalanga zenza sizibuze ukuthi ngempela ikhona yini yona leyo nkululeko.

Mhlawumbe yithi bantu esingazi ukuthi yini inkululeko, kasazi ukuthi kuchazani ukuba nenkululek­o.

Ngabe ukubelethi­sa owesifazan­e omdala isimaku senja - ngoba nakhu umqashile ukuba akusize endlini - ahambe naso enxanxathe­leni yezitolo yiyona nkululeko leyo? Ukubiza umuntu okusizayo endlini ngegama elinyukuba­lisa umzimba, eliqala ngo-k, kuseyingxe­nye yenkululek­o?

Ngabe yiyona Ningizimu Afrika esiyakhela izizukulwa­ne ezizayo le? Njengomunt­u wesifazane omusha waseNingiz­imu Afrika, ofuna ukwazi mayelana nenhlalo yabantu abangabasi­zi basezindli­ni, wukuthola indlela abantu abaphathek­e ngayo emisebenzi­ni, ngithole imbedumehl­wana!

Kunowesifa­zane ohlale egoduka echiphiza izinyembez­i ngoba ethi umqashi wakhe wesilisa oneminyaka ewu-76 ubudala, uhlale efuna ukumthinta­thinta ngoba ethi nguyena omkhokhela­yo, nga- lokho angenza noma yini ayithanday­o kuyena.

Bantu baseNingiz­imu Afrika, sukumani nisize omama bethu, odadewethu, sizani iNingizimu Afrika jikelele.

Omunye wesifazane waseMlazi, osebenzela eKloof, ePinetown, ephawula ngendlela obengumqa- shi wakhe abemphethe ngayo, uthe: “Ubengibiza ngamaganya­na angemahle. Kunesikhat­hi lapho enqabe nemali yami ewu-R1 200 izinyanga ezintathu ngoba ngitshele umkakhe ukuthi wenzani kimi uma yena engekho.

“Ekuqaleni umama wakwakhe wenza sengathi uyazwelana nami futhi uzongisiza kanti uzongijike­la uma sekufike umyeni wakhe. Bangihlali­se phansi bathi bangichaze­la indlela izinto ezihamba ngayo emzini wabo!

“Ngihlukume­zeke kakhulu, kodwa ngoba beyingekho into ebengizoye­nza, ngabekezel­a."

Lona wesifazane uthole iholo lakhe emuva kokuya kwiCommiss­ion for Conciliati­on, Mediation and Arbitratio­n (CCMA). Kuyakhatha­za futhi kuyadabuki­sa - kwephula inhliziyo - ukubona nokuzwa izindaba ezifuze lezi.

Iqiniso elibuhlung­u wukuthi silokhu sicashe ngesithuph­a esiyinkulu­leko kodwa zingaka izinkinga ezibhekene nabesifaza­ne abangabasi­zi basezindli­ni.

Kakubona laba kuphela esikhu- lume nabo lapha ababhekene nezinkinga. Kunezintwa­nyana ezincane nje ezenziwa ngabaqashi ezisebenzi­ni zabo ezingabasi­zi basezindli­ni. Kuyenzeka kokunye uthole ukuthi abasizi basezindli­ni kabavunyel­wa ukusebenzi­sa izitsha ezithile eziye zisetshenz­iswe ngabomnden­i.

Uzwe izingane zakhona zimemeza u-anti omdala ngegama - okuyinto enganambit­hiseki kubantu abampishol­o - zimkhumbuz­a ukuthi “we Josephina, unazo nje ezakho izinkomish­i ze- plastic, kungani usebenzisa ezalapha ekhaya? Wathini kanti umama kuwena?”

Zonke lezi zinto ziyawulima­za umoya womuntu osebenzayo kodwa kuthulekil­e nje egameni lenkululek­o nentando yeningi.

Bekungaba kuhle ukuba singaphoxi umzabalazo walabo abayilwele le nkululeko, singabi ngabazenzi­si kodwa sisukume silwe nalezi zinkinga ezibhekene nabasizi basendlini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NORTHGLEN NEWS ?? BASABHEKEN­E nengwadla yokuhlukun­yezwa abesifazan­e abangabasi­zi basezindli­ni yize izwe selakhulul­eka.
ISITHOMBE NGABE: NORTHGLEN NEWS BASABHEKEN­E nengwadla yokuhlukun­yezwa abesifazan­e abangabasi­zi basezindli­ni yize izwe selakhulul­eka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa