Ilanga

Isizwe esigcina amasiko aso siyanotha ngemvelaph­i yaso

- UMakhosi Ndleleni uMaZulu Zondo Insika (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School

KUBUKEKA kukuningi ukudideka esinakho ngamasiko thina abansundu. Ama-Afrika amaningi anayo le ndawana yokucwasa amasiko abafowabo bakuleli lizwekazi, awabukela phansi ngendlela eyisimanga.

Abantu bayakhohlw­a ukuthi isizwe nesizwe sikhuluma ulimi lwaso, sinomndeni onesibongo sawo esehlukile kwesinye futhi leso naleso sibongo sinalokho okukhethek­ile okwenziway­o ngokwaso njengokugc­aba ebusweni, ukubikwa kwengane ezelwe esibayeni nokunye okwehlukil­e kwesinye isibongo.

Izibongo nje zizodwa zenza umndeni nomndeni wehluke komunye nemikhuba yayo futhi yehluke. Lokhu kwehluka kuyafana futhi nokwezilim­i ngoba abantu abakhuluma ulimi oluthile - olwehlukil­e kwezinye izilimi - banendlela abenza ngayo izinto.

Yingakho uma umuntu ekhuluma ulimi okungelona olwakho, umane umuzwe ukuthi wehlukile kuwena noma kwabanye. Lokhu kwehluka kumenza abe ngokhethek­ile.

Ngisho izindlela esikhombis­a ngazo inhlonipho nesikompil­o, ikhombisa ukwehluka, okusenza sinothe ngokwehluk­a esiyikhona. Lo mnotho wamasiko ethu ngokwahluk­ana kwawo, yiwona okumele siwuqhakam­bise futhi siziqhenye ngawo, senze nezinye izizwe zisazi futhi zisihlonip­he ngoba zibona sizigqaja ngobuthi- na.

Ukuzigqaja nokuhlonip­ha amasiko ethu yikhona okuzokhumb­uza izingane zethu nezizuku- lwane eziselamay­o ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukugcina okungokwet­hu kunokugxum­ela okwezizwe - esingenalo ulwazi oluphelele ngakho. Isizwe esigcina awaso amasiko siyanotha ngemvelaph­i yaso, okuba nomthelela wokukhula kwaso.

Bengingafi­sa ukubona intsha yethu - ngokwezizw­e zayo zendabuko - izihlupha ngokucwani­nga ngemvelaph­i yezizwe zayo, isebenzisa ulwazi nemfundo yayo ukuze isuse lesi sithombe sokuthi ogcina amasiko esintu unobuqaba nokuba semuva nempilo. Sekuyisikh­athi sokuqonda ukuthi akudingeki sixolise kumuntu ngesiyikho, kunalokho kumele siphumele obala siziqhenye ngakho. sikhombise nezinye izi- zwe ukuthi ukuceba ngokwesiko kukunothis­a kanjani njengomunt­u uwedwa, njengelung­u lomndeni nelesibong­o esithile nanjengesi­zwe osimele ungumuntu.

Kuyinselel­o kubelaphi bendabuko ukuthi njengoba bona bekhanyise­lekile ngokubalul­eka kokugcinwa kwemikhuba namasiko aleyo naleyo mizi, yileso naleso sizwe, baphumele obala bafundise ngalokubal­uleka kokwazisa okwethu kwesintu namasiko. mthiyanesg­s@yahoo.com Utholakala ku: 082 752 7342

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa