Ilanga

Badonswe ngendlebe abadlali boSuthu

Umqeqeshi ubexwayise ngobungozi beSundowns

- MFANAFUTHI NDLOVU

BADONSWE ngendlebe abadlali bamaZulu FC ngaphambi komdlalo omqoka neMamelodi Sundowns we-Absa Premiershi­p ozokuba ngeSonto ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lo mdlalo kulindelek­e uhehe izinkumbi zabalandel­i njengoba la makilabhu enomlando ohlonishwa­yo ebholeni lakuleli.

UThembela Sikhakhane oyisitobha soSuthu utshele ILANGA ukuthi bawulambel­e lo mdlalo.

Uthi umqeqeshi wabo (uCavin Johnson) ubadonse ngendlebe ngobungozi beDowns okufanele babugade.

“Kuzokuba ngumdlalo onzima kodwa ngeke sikwamukel­e ukudliwa kulo mdlalo. Iphuzu elilodwa lingangcon­o kunokungat­holi lutho.

"UJohnson usexwayisi­le ngobungozi bamabhola agotshiwe avela kwiDowns, ngakho-ke kufanele sikugweme ukwenza ama- free kick ezindaweni eziyingozi.

"Ukufika kukuBongi Ntuli kusinika ithemba lokuthi sizoba bukhali phambili futhi unolwazi ngeDowns njengoba ebuya kuyona,” kusho uSikhakhan­e.

UJohnson uthi ikhefu abalitholi­le leFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) libasize kakhulu ukulungisa izindawo ebezixega.

Uthi ubadonse ngendlebe abadlali bakhe ngobumqoka bokushaya kwasani ekhaya.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto iqhathwe kanje:

ESisa Dukashe Stadium: Chippa United vs Baroka FC 15h00.

ECape Town Stadium: Cape Town City vs Kaizer Chiefs 15h00.

EHarry Gwala: Maritzburg United vs Bidvest Wits 18h00.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Free State Stars 20h15.

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs SuperSport United 20h15. NGESONTO EThohoyand­ou: Black Leopards vs Bloemfonte­in Celtic 15h00.

EKing Zwelithini: AmaZulu FC vs Mamelodi Sundowns 15h00.

EMakhulong: Highlands Park vs Golden Arrows 15h00.

Imidlalo yeMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O EFNB Stadium: Kaizer Chiefs Reserves vs Black Leopards Reserves 10h00.

EDr Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic Reserves vs Highlands Park Reserves 12h00. NGESONTO EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United Reserves vs Cape Town City FC Reserves 10h00.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Baroka FC Reserves vs SuperSport United Reserves 10h00.

ETUT Stadium: Mamelodi Sundowns Reserves vs AmaZulu Reserves 12h00.

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates Reserves vs Golden Arrows Reserves 12h00.

EGoble Park: Free State Stars Reserves vs Bidvest Wits Reserves 12h00.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City Reserves vs Chippa United Reserves 12h00.

UJohnson usexwayisi­le ngamabhola agotshiwe avela kwiDowns...

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UTHEMBELA Sikhakhane ongomunye wabadlali basemuva boSuthu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UTHEMBELA Sikhakhane ongomunye wabadlali basemuva boSuthu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa