Ilanga

ISIKHULU SE-PMB UNITED NOMLAYEZO ONZIMA

- SENZO SOKHELA

USIHLALO weMaritzbu­rg United uFarook “Ntshebe” Kadodia uthumele umlayezo onzima kubadlali bakhe ngaphambi komdlalo omqoka wale kilabhu.

IMaritzbur­g izobhekana neBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-18h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba iWits iqhwakele esicongwen­i, kanti iMaritzbur­g yona iphansi emsileni.

UKadodia uthi abadlali bakhe kuzofanele bashintshe ukwenza kulo mdlalo.

“Indawo esihleli kuyona ayiyinhle neze, inzima injalo nje iyasabeka.

"Ngifuna abadlali bami bazi ukuthi kufanele basuke kule ndawo kusemanje ngoba sike saphunyuka kanzima kumasizini ambalwa edlule.

"Angifuni kusiphinde lokho ngakho-ke kufanele siwunqobe lo mdlalo kumnyama kubomvu.

"Kulo mdlalo ngidinga iwini kubona hhayi okungaphan­si kwalokho,” kusho uKadodia.

UGavin Hunt ocija iWits uthi umdlalo weMaritzbu­rg uzoba nzima njengoba ifuna ukusuka kule ndawo embi ekuyona.

Uthi inzima ekhaya kodwa bazozama ngawo wonke amandla ukuyishaye­la esibayeni sayo.

Emdlalweni wayo wokugcina iWits ibhaxabule AmaZulu FC ngo-3-0 eBidvest Stadium.

Amagoli eWits kulo mdlalo abhakuzisw­e enethini..

Ngakolunye uhlangothi iMa-ritzburg yona igcine ukudlala ibambana ngo-00 neKaizer Chiefs eHarry Gwala Stadium kanti phakathi kwabadlali okulindele­ke igadle ngabo kubalwa noMxolisi Kunene ( osesithomb­eni).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa