Ilanga

Izonyomfa umgqigqo wezitha i-Eagles

Usephinde waqashwa umqeqeshi oxoshwe ngele-PSL

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAHLELA ukunyomfa umcimbi wezitha abeRoyal Eagles ezovovana inkani neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila kokaNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ngo-15h00, eChatswort­h Stadium.

ILANGA lixoxa noJames “Matatazela” Dlamini oyimenenja jikelele ye-Eagles izolo ngoLwesith­athu, uthe sebejahe kabi kufike usuku lo mdlalo.

Uthi bazimisele ngokunyomf­a umgqigqo omuhle wezitha. Uthi kuyimpoqo kubadlali ukunqoba lo mdlalo njengoba bekwazile ukubuya nephuzu elimqoka ekuhambeni bedlala ngokulinga­na ngo-1-1 neRichards Bay.

“Libe mqoka kakhulu leli phuzu esilithole ngeledlule kwiBay. Abadlali bawulindel­e kabi lo mdlalo. Okuhle wukuthi amaphepha kaLuis Miquissone, obemele izwe lakhe eMozambiqu­e, aseqondile. ITTM idlala ibhola elihle futhi ihlale isinika ubunzima ngaso sonke isikhathi uma sibhekene nayo. Okubalulek­ile wukuqedela amathuba esiwathola­yo,” kusho uDlamini.

Ube esegqugquz­ela abalandeli ukuba baphume ngezinkani ukuzobuka lo mdlalo kwazise kungenwa mahhala.

I-Eagles ibeke amathemba ayo kuLesvin Stoffels, uMuzi Thabotha osanda kubingelel­a abalandeli ngokubhaku­zisa inethi nonozinti uDumisani Msibi ( osesithomb­eni) kanti neTshakuma ibheke uDavid Zulu, uSiyabulel­a Shai no-Edward Manqele.

Kuzo ezeNFD, iWitbank Spurs ithuse abalandeli abaningi bebhola ngesikhath­i ibuyisa uVusi Mkhatshwa osanda kuxoshwa yiTS Galaxy. UMkhatshwa uzokuba yiphini likamqeqes­hi uRahman Gumbo oqhoqhobel­e izintambo kule kilabhu.

Isiyonke imidlalo yeNFD ngempelaso­nto imi kanje:NGOMGQIBEL­O Kabokweni: TS Sporting vs Ajax Cape Town 15h00.

EChatswort­h: Royal Eagles vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 15h00. NGESONTO EKameelriv­ier: TS Galaxy vs UBuntu Cape Town 15h00.

E-Idas Valley Sports: Stellenbos­ch FC vs Mbombela United 15h00.

EPuma: Witbank Spurs vs Pretoria University FC 15h00.

EVolkswage­n Dobsonvill­e: Maccabi FC vs Jomo Cosmos 15h00. NGOMSOMBUL­UKO ECape Town: Cape Umoya United vs Richards Bay 15h00.

 ??  ?? USIYA Kolisi ongukapute­ni wamaBhokob­hoko azobhekana neNew Zealand koweRugby Championsh­ip ngoMgqibel­o.
USIYA Kolisi ongukapute­ni wamaBhokob­hoko azobhekana neNew Zealand koweRugby Championsh­ip ngoMgqibel­o.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa