Ilanga

USEFUNA UKUSHIYA I-PIRATES

- SENZO SOKHELA

UFUNA ukuhamba kwi-Orlando Pirates unozinti wayo osedlalisw­a ezinganeni ngenxa yokumiswa kabi ngozakwabo.

IBucs izobhekana neSuperSpo­rt United kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-20h15 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo esondelene noJackson Mabokgwane ukuthi lo mdlali uhlela ukufaka isicelo sokuba le kilabhu imudedele uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali kwazise uyabona ukuthi ngeke alithole ijezi.

Kuthiwa into emcika kakhulu wukudlalis­wa nezingane eqenjini leBucs leMulti Choice ekubeni kunamakila­bhu amfunayo kwiPremier­ship.

Kuvela ukuthi ufuna ukuhamba nje iHighlands Park engomakoti beligi iyamfuna.

Umthombo waleli phephandab­a osondelene noMabokgwa­ne uthe:

“Ubedinwe eqhuma uMabokgwan­e emuva kokuba izingane zaMaZulu zimubhuquz­isile kwiMulti Choice ngeledlule.

Ukhale ngokuthi le nto imehlisa isithunzi ekubeni kunamakila­bhu amhlonipha­yo kwiPremier­ship futhi amfunayo.

Akeneme ngokuba kwiPirates ngoba selokhu efikile izinga lakhe lishona phansi, useze walahlekel­wa nayindawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

"Uma kuvulwa iwindi lokudayise­lana ngabadlali ufuna ukufaka isicelo sokuhamba usenele wukukhuhla ibhentshi,” kusho lo mthombo.

UMilutin “Micho” Sredojevic ololonga iBucs uthi ngeke akwazi ukukhuluma ngabadlali yena into emqoka njengamanj­e wukuthi ikilabhu yakhe iqale iqoqe amaphuzu.

“Into emqoka wukuthi siqale sinqobe imidlalo yethu manje iyona into esemqondwe­ni wami leyo. "Sibhekene neSuperSpo­rt esikhiphe emqhudelwa­neni weMTN8 silindele umdlalo onzima kuyona.

"Kodwa-ke okwenzeke kulo mqhudelwan­o sesidlulil­e kukhona njengamanj­e kufanele sibuyise isithunzi sethu ngokuthi siqale sinqobe imidlalo,” kusho uSredojevi­c.

UKaitano Tembo ololonga iSuperSpor­t uthi balindele umdlalo onzima kwiPirates.

“Ngokwami abanayo ingcindezi yokuthi sibakhiphe kwiMTN8 abantu abanengcin­dezi yithina.

Bazoba yingozi njengoba imiphumela ibingabavu­mi.

Kodwa-ke sinalo isu lokubabamb­a ngeke sibuye silambatha kulo mdlalo,” kusho uTembo.

 ??  ?? UNOZINTI we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane ongasafuni ukuba kule kilabhu.
UNOZINTI we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane ongasafuni ukuba kule kilabhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa