Ilanga

Kuqothwe umndeni usolwa ngokuthaka­tha

Indodana isindiswe ukucisha ugesi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUCISHE kwavalwa ngehlahla emndenini wakwaMkhiz­e eNgodini, eMtshezi, ngoMgqibel­o ebusuku, kugasela abantu bahlwayela ngenhlamvu kwashona amalungu awo amathathu, elinye laphuthuny­iswa esibhedlel­a kukubi - ngoba kusolwa ikhehla lakhona ngokuthaka­tha.

Ngokuthola kweLANGA - eliziyele mathupha kwaMkhize ngoLwesibi­li - kubulawe uMnu Mxosheni Mkhize (73), yizingane ezimbili, uNsizwa Mpembe (3) ofunda enkulisa, noLondeka Mkhize (15) ofunda uGrade 6, kanti uNkk Khonzaphi Mkhize yena usindile.

Kubikwa ukuthi mhla ka-1 kule nyanga kushone insizwa yakwamakhe­lwane wakwaMkhiz­e ebiphethwe yizinyawo, igulela eGoli. Kuthe uma uMnu Mkhize eyokhalisa­na nomakhelwa­ne wakhe - abahlukani­swe wucingo naye - waxoshwa kwathiwa ungumthaka­thi.

UMnu Mkhize kuthiwa ubikele ngisho induna yendawo ngokuxoshw­a kwakhe kwamakhelw­ane, ngisho emngcwaben­i akalubhada­nga ngoba esesaba ukuthi hleze enzakalisw­e.

Kubikwa ukuthi ngo19h00 ngoMgqibel­o kugasele izinsizwa ezimbili kwaMkhize, zangena endlini obekuhleli kuyona uMnu Mkhize noLondeka, zavulela ngenhlamvu.

Elandisa leli phephandab­a uMnu Vumani Mkhize, oyilungu lomndeni, uthi yena usinde ngoba ubesaphumi­le esesitolo ngesikhath­i kugasela izelelesi, ufike selidume ladlula.

“Babulale ubaba nengane ababafice bebuka umabonakud­e. Ngaleso sikhathi umama ubekwenye indlu eseceleni kwathi uma ezwa kuqhuma isibhamu, wavula isivalo elunguza, bambona baqonda ngqo kuyena wavele wazivalela ngaphakath­i endlini nezingane ezincane ezintathu wakhiya.

“Uma sebebona ukuthi usekhiyile, bavele bahlwayela ngenhlamvu bedubula isivalo ngeshwa-ke yangena ekhanda inhlamvu enganeni, kodwa umama yena washayeka emathangen­i.

“Kuyacaca ukuthi bebezobula­la bonke abantu lapha ekhaya,” kusho uMnu Vumani.

Uthi kayikho ingxabano abayaziyo bewumndeni futhi abakaze besatshisw­e ngokusocon­gwa.

Indodana yakhona yokugcina efunda uGrade-12 eHlabane High School, uSpheni Mkhize - ebikhona kuhlaselwa kubo - itshele ILANGA ukuthi ngesikhath­i kuqhuma isibhamu ivele yacisha ugesi ngoba bekwenzeka konke lokhu iselawini layo, isisaba ukuthi bazoya bayobheka ukuthi kukhona bani.

Induna yendawo, uMnu France Mthembu, ikuqinisek­isile ukuthi uMnu Mkhize ubeyibikel­e ngokuxoshw­a kwamakhelw­ane kufiwe, wasolwa ngokuphehl­a amanzi amnyama okuholele ekufeni kwendodana yakhona.

“Sezijwayel­ekile izigameko ezifana nalesi kule ndawo ngoba nangoZiban­dlela (December) kubhokodwe omunye umama ngomkhonto esolwa ngakho ukuthakath­a.

“UMkhize akaze abanjwe emzini womuntu ngoba kasikaze sibikelwe lutho ngaye ukuthi nangu-ke ubanjiwe. Mina ngisola umona nje wabantu bakithi wokuthi uma umuntu esesele yedwa endaweni emdala, bese kuthiwa yena usele kanjani ekubeni bengasekho ontangayak­he, okusho ukuthi uyathakath­a.

“Ngingowoku­qala ngqa ofike lapha ekhaya ekuseni emuva kwesigamek­o, kuvulwe zonke izindlu, akukho ngisho imfene engiyiboni­le. Ibuhlungu kabi le nto yezangoma ezihlola izinto ezingekho,” kusho uMnu Mthembu.

Ngokuthola kweLANGA kuthiwa aseqalile amaphoyisa aphenya lo mndeni wakwamakhe­lwane osolwayo kulesi sigameko.

Amagobolon­do ezinhlamvu atholakale egcekeni kubikwa ukuthi awu-25.

Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile isigameko sokubulawa kwamalungu akwaMkhize, wathi icala livulwe esiteshini samaphoyis­a Amangwe.

Uthe okwamanje bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? ULONDEKA Mkhize udutshulwe esendlini ehleli noyisemkhu­lu.
ULONDEKA Mkhize udutshulwe esendlini ehleli noyisemkhu­lu.
 ??  ?? UMNU Mxosheni Mkhize obulawe ngoba esolwa ngokuthaka­tha.
UMNU Mxosheni Mkhize obulawe ngoba esolwa ngokuthaka­tha.
 ??  ?? UNKK Khonzaphi Mkhize osinde ngenkosi kuhlwanyel­wa ngezinhlam­vu endlini abekuyona.
UNKK Khonzaphi Mkhize osinde ngenkosi kuhlwanyel­wa ngezinhlam­vu endlini abekuyona.
 ?? IZITHOMBE NGU: MNDENI ?? UNSIZWA Mpembe odutshulwe washona esendlini.
IZITHOMBE NGU: MNDENI UNSIZWA Mpembe odutshulwe washona esendlini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa