Ibenzimaimpilo exoshwa kwiGenerations
Unina ubengeke ayivume eyomthakathi kwi-The Herd
ISAZOSHUBA indaba yesibindi emdlalweni iThe Herd okhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto ngehora le-20:00 kusihlwa. Lokhu kuvele ngesikhathi sinengxoxo ekhethekile nomlingisi wayo ophambili, uWinnie Ntshaba, owaduma emdlalweni iGenerations ebizwa ngoKhethiwe.
Lo mlingisi oseke wanyamalala isikhathi eside engabonwa kumabonakude, ubuye ngezinkani ngalo mdlalo. UWinnie udlala indawo ethusa kakhulu kwiThe Herd lapho ethakatha khona umndeni wonke ngesikhulu isibindi.
Kulo mdlalo uWinnie unguMaMngadi kanti uganele kwaMthethwa.
NgeSonto kusihlwa wethuse abaningi ebulala ingane yakhe wase edlisa umyeni wakhe isibindi sengane yakhe. Utshele ILANGA ukuthi indawo ayidlalayo kwayena iyamethusa. “Ngibethulela isigqoko ababhali boMzansi Magic bebonke nje. Yize indawo engiyilingisayo yethusa, kodwa konke lokhu kuyenzeka kweminye imizi,” kusho yena. Uthe ukuba umama wakhe ubesekhona emhlabeni ubengeke amvumele ukuba alingise le ndawo ngoba kubo kabakholelwa ekuthakatheni. Uthe ucela abantu bangesabi ukuqhubeka nokuthenga isibindi ezitolo. Uthe kakumele besatshiswe nguyena kumabonakude, kwazise uyalingisa nje. Ubeze ancokole ngaso isibindi ethi: “Ngifuna abanikazi bezilaha bangenze ubuso besibindi, ngitshele abantu ukuthi mabasithenge, kakusona esomuntu.” UWinnie ubesho la mazwi efa yinsini. Uthe noma kunjalo kodwa lo mdlalo umjabulisa kakhulu ngoba ukhuluma ngemfuyo kanti naye vele uziphumela emakhaya. Ngemuva kokuxoshwa kwiGenerations uthi izinto zike zabheda kakhulu kodwa waqinisa emkhulekweni. “Mina ngisizwa kakhulu wukuthandaza. Yingakho nje ungakaze ungibone emaphephandabeni kuthiwa ngidlelwe umuzi noma imoto,” kuqhuba yena. Uthe akafuni ukuba yisibotho saseGoli, kwazise uhlela ukubuyela kubo eShowe mzukwana wabona ukuthi izinto seziyambhimbela KwaNdongaziya- duma.
“Phela sinomhlaba omkhulu ekhaya. Ngingavele ngiyozilimela amasimu emakhaya kunokuba ngibonakale emarenke ngicela ukudla,” kuqhuba yena.
Uphinde waveza nokuthi akakazimiseli ngokuba nomuntu ahlekisana naye okwamanje, ezeseka ngokuthi usagxile ekukhuliseni indodana yakhe.
“Selokhu ngehlukanisa nowayengumyeni wami kangifune ndoda eduzane kwami kodwa ngizikhulisela ingane yami nje kuphela,” kusho yena.
Uncome kakhulu uyise wengane yakhe, wathi yize noma sebehlukanisa kodwa ubudlelwano bokukhulisa ingane babubambe kahle.
“Abazali akumele bajezise izingane zabo ngamaphutha abo. Kumele noma sebehlukene kodwa bangalwi ngengane. Mina nje nginengane yomfana enobudlelwano obuhle noyise yize singasezwani thina,” kusho yena.
Uthe ufuna ukwenza umcimbi omkhulu lapho ezomema khona omama bezingane azobafundisa ukuba bangalokothi bazincishe (izingane) amalungelo okubonana noyise.
“Izinhlelo ezifana noTatakho ngabe kazikho ukuba abantu kabazibalekisi izingane zabo ngoba bediniwe,” kuqhuba yena.
Uthe abantu basazombona kakhulu kumabonakude njengoba kuyimanje eqopha isigaba sesibili seThe Herd.
Uphawule ngomcimbi wakhe wokuklomelisa amaciko, amaRoyalty Soapie Awards, njengoba eke anyamalala iminyaka cishe emibili. Uthe usuku lwawo luzomenyezelwa maduzane nje.
“Azokwenzeka kuwona lo nyaka. Ngiyazi ukuthi abantu sebenemibuzo eminingi ngawo njengoba enyamalele kodwa mabehlise umoya ngizokhipha isitatimende maduzane nje,” kusho yena. UWinnie wazakhela kakhulu udumo kwiGenerations lapho ayedlala khona indawo kaKhethiwe ekhuluma isiZulu esiqinile.