Ilanga

Ibenzimaim­pilo exoshwa kwiGenerat­ions

Unina ubengeke ayivume eyomthakat­hi kwi-The Herd

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

ISAZOSHUBA indaba yesibindi emdlalweni iThe Herd okhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto ngehora le-20:00 kusihlwa. Lokhu kuvele ngesikhath­i sinengxoxo ekhethekil­e nomlingisi wayo ophambili, uWinnie Ntshaba, owaduma emdlalweni iGeneratio­ns ebizwa ngoKhethiw­e.

Lo mlingisi oseke wanyamalal­a isikhathi eside engabonwa kumabonaku­de, ubuye ngezinkani ngalo mdlalo. UWinnie udlala indawo ethusa kakhulu kwiThe Herd lapho ethakatha khona umndeni wonke ngesikhulu isibindi.

Kulo mdlalo uWinnie unguMaMnga­di kanti uganele kwaMthethw­a.

NgeSonto kusihlwa wethuse abaningi ebulala ingane yakhe wase edlisa umyeni wakhe isibindi sengane yakhe. Utshele ILANGA ukuthi indawo ayidlalayo kwayena iyamethusa. “Ngibethule­la isigqoko ababhali boMzansi Magic bebonke nje. Yize indawo engiyiling­isayo yethusa, kodwa konke lokhu kuyenzeka kweminye imizi,” kusho yena. Uthe ukuba umama wakhe ubesekhona emhlabeni ubengeke amvumele ukuba alingise le ndawo ngoba kubo kabakholel­wa ekuthakath­eni. Uthe ucela abantu bangesabi ukuqhubeka nokuthenga isibindi ezitolo. Uthe kakumele besatshisw­e nguyena kumabonaku­de, kwazise uyalingisa nje. Ubeze ancokole ngaso isibindi ethi: “Ngifuna abanikazi bezilaha bangenze ubuso besibindi, ngitshele abantu ukuthi mabasithen­ge, kakusona esomuntu.” UWinnie ubesho la mazwi efa yinsini. Uthe noma kunjalo kodwa lo mdlalo umjabulisa kakhulu ngoba ukhuluma ngemfuyo kanti naye vele uziphumela emakhaya. Ngemuva kokuxoshwa kwiGenerat­ions uthi izinto zike zabheda kakhulu kodwa waqinisa emkhulekwe­ni. “Mina ngisizwa kakhulu wukuthanda­za. Yingakho nje ungakaze ungibone emaphephan­dabeni kuthiwa ngidlelwe umuzi noma imoto,” kuqhuba yena. Uthe akafuni ukuba yisibotho saseGoli, kwazise uhlela ukubuyela kubo eShowe mzukwana wabona ukuthi izinto seziyambhi­mbela KwaNdongaz­iya- duma.

“Phela sinomhlaba omkhulu ekhaya. Ngingavele ngiyozilim­ela amasimu emakhaya kunokuba ngibonakal­e emarenke ngicela ukudla,” kuqhuba yena.

Uphinde waveza nokuthi akakazimis­eli ngokuba nomuntu ahlekisana naye okwamanje, ezeseka ngokuthi usagxile ekukhulise­ni indodana yakhe.

“Selokhu ngehlukani­sa nowayengum­yeni wami kangifune ndoda eduzane kwami kodwa ngizikhuli­sela ingane yami nje kuphela,” kusho yena.

Uncome kakhulu uyise wengane yakhe, wathi yize noma sebehlukan­isa kodwa ubudlelwan­o bokukhulis­a ingane babubambe kahle.

“Abazali akumele bajezise izingane zabo ngamaphuth­a abo. Kumele noma sebehluken­e kodwa bangalwi ngengane. Mina nje nginengane yomfana enobudlelw­ano obuhle noyise yize singasezwa­ni thina,” kusho yena.

Uthe ufuna ukwenza umcimbi omkhulu lapho ezomema khona omama bezingane azobafundi­sa ukuba bangalokot­hi bazincishe (izingane) amalungelo okubonana noyise.

“Izinhlelo ezifana noTatakho ngabe kazikho ukuba abantu kabazibale­kisi izingane zabo ngoba bediniwe,” kuqhuba yena.

Uthe abantu basazombon­a kakhulu kumabonaku­de njengoba kuyimanje eqopha isigaba sesibili seThe Herd.

Uphawule ngomcimbi wakhe wokuklomel­isa amaciko, amaRoyalty Soapie Awards, njengoba eke anyamalala iminyaka cishe emibili. Uthe usuku lwawo luzomenyez­elwa maduzane nje.

“Azokwenzek­a kuwona lo nyaka. Ngiyazi ukuthi abantu sebenemibu­zo eminingi ngawo njengoba enyamalele kodwa mabehlise umoya ngizokhiph­a isitatimen­de maduzane nje,” kusho yena. UWinnie wazakhela kakhulu udumo kwiGenerat­ions lapho ayedlala khona indawo kaKhethiwe ekhuluma isiZulu esiqinile.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA/ TWITTER NE-INSTAGRAM ?? UTHATHWA njengosath­ane woqobo emdlalweni iThe Herd uMaMngadi olingiswa nguWinnie Ntshaba ozakhele olukhulu udumo esadlala indawo kaKhethiwe kwiGenerat­ions azwakalise ukuthi waphila kanzima emuva kokuxoshwa kuyona. UMaMngadi unonya olwesabeka­yo njengoba ethakatha umndeni wakhe kwiThe Herd asanda kubulala indodana yakhe kuyona maqede wathatha isibindi sayo wasiphakel­a umyeni wakhe, uMthethwa.
IZITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA/ TWITTER NE-INSTAGRAM UTHATHWA njengosath­ane woqobo emdlalweni iThe Herd uMaMngadi olingiswa nguWinnie Ntshaba ozakhele olukhulu udumo esadlala indawo kaKhethiwe kwiGenerat­ions azwakalise ukuthi waphila kanzima emuva kokuxoshwa kuyona. UMaMngadi unonya olwesabeka­yo njengoba ethakatha umndeni wakhe kwiThe Herd asanda kubulala indodana yakhe kuyona maqede wathatha isibindi sayo wasiphakel­a umyeni wakhe, uMthethwa.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa