Ilanga

Kuphume isidumbu kubangwa i- charger

Ugwazwe ngumuntu abehleli naye

- CEBO BUTHELEZI

KUPHUME isidumbu ngoMgqibel­o ebusuku ngenxa yengxabano edalwe yicharger phakathi kwabesilis­a abahlala efulethini iMadiba House, eThekwini.

Kuthiwa umsolwa nesisulu bebehleli ndawonye kwelinye lamagumbi kuxoxwa. Kubikwa ukuthi uSamkelo Caluza (19) (osesithomb­eni) waseDosuml­enzana, eMzimkhulu ubehleli nomsolwa - ILANGA elinalo igama lakhe - waseGamala­khe, ePort Shepstone, kuxoxwa kanti umakhalekh­ukhwini womunye wabo uzophelelw­a wumlilo, kwasuka umsindo-ke kubangwa i- charger.

USamkelo ubehlala kule ndlu ngoba elungisa umatikulet­sheni wakhe kanti umsolwa ubesebenza kwesinye isitolo esidayisa ukudla ngaseDurba­n Station.

ILANGA lizifikele mathupha egunjini okwenzeke kulo lesi sigameko lafica umatilasi umufi aphangalal­e kuwo usagcwele igazi.

Umnikazi wendlu, uMnu uMthokozis­i Ngcobo (39), utshele ILANGA ukuthi namanje usashaqeki­le ngalesi sigameko.

“Bengikhona endlini kodwa bengikwela­mi igumbi ngibukela ibhola. Ngizwe umsindo ngaphuma egunjini lami, ngihlangan­e noSamkelo ebambe entanyeni evuza igazi, wathi mangimsize sebe- mgwazile. Ngishaqeki­le ngathatha isikibha sami ngizama ukumvala inxeba ebeliphuma kakhulu igazi.

"Ngihambe ngayobheka ukuthi ngubani owenze lokhu. U… (egagula umsolwa) ngifike engasekho, ngabuyela egunjini ngiyozama ukutholela uSamkelo usizo, ngamfica eselele engasaphef­umuli,” kusho uMnu Ngcobo.

Umzala kamufi othe unguSanele Vundisa (19), uthe namanje usadidekil­e ngento eyehlele umzala wakhe.

“Bengisaphu­mile ngisesitol­o ngibashiye endlini kuxoxwa. Emini bekukade kunengxaba­no kuchukuluz­wana. Ngesikhath­i sengibuya esitolo, ngihlangan­e no… (esho umsolwa) ngambuza ukuthi kwenzekani endlini ngoba ngiqeda ukuzwa uNhlanhla ohlala khona ethi sekugwazwe uSamkelo.

"Uthe uyabuya, waqhubeka wehla egijima.

"Ngifike endlini ngamfica uSamkelo igazi litshaza, liphuma ngamakhala nangomlomo waze washonela khona embhedeni. Sibize amaphoyisa nabezimo eziphuthum­ayo, bamthatha bahamba naye,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa asaphenya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa