Ilanga

IKHALE NGAMAPHOYI­SA I-IFP KUBULAWA ILUNGU

- MTHOBISI SITHOLE

ISOLE ukushaya ngolonwabu kwamaphoyi­sa ukungenela emkhubeni wokubulawa kosopoliti­ki iNkatha Freedom Party (IFP), emuva kokudutshu­lwa kubulawe unobhala wayo wesifunda uThukela ngoMgqibel­o ntambama.

Kubikwa ukuthi uMnu Zakhele Joseph Mazibuko (44), udutshulwe emgwaqweni u-R74 phakathi koMtshezi noMnambith­i ebuya emhlanganw­eni we-IFP obusemahho­visi ayo eMtshezi.

Ngokuthola kweLANGA, ulandelwe yimoto encane ebigijima ifuna ukudlula eyakhe, okuthe uma seziqonden­e ngokwemizi­la, enye insizwa ebikulena enye imoto, yaveza inganono ngewindi yadubula washonela khona lapho.

Ngaphandle kokuba ngunobhala we-IFP oThukela, uMnu Mazibuko ubeyimenen­ja ophikweni olubhekele­le ezempilo kuMasipala uThukela.

Silobe kungakacac­i ukuthi uMnu Mazibuko uhlaselelw­eni.

USihlalo we-IFP oThukela, uMnu Mbuzeleni Mkhize, uthe kwenzeka lokhu nje, baqokwe ngoNtulika­zi (July) ukubhekana nezinhlelo zeqembu kulesi sifunda.

“Besiyoxoxa ngezinhlel­o zokuthi iqembu lizowathol­a kanjani amavolonti­ya njengoba sibheke okhethweni lwangonyak­a ozayo. Akukho okuyingxab­ano ebesikwazi,” kusho uMnu Mkhize.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnu Mkhuleko Hlengwa, uthe balimele kakhulu ngokushone­lwa nguMnu Mazibuko obesebenza ngokuzimis­ela eqenjini.

"Ukwanda kwalesi sihlava sokubulawa kosomubusa­zwe kakukuhle, kubukeka sekuyinto esemthethw­eni KwaZulu-Natal ngenxa yokungenzi kahle kwamaphoyi­sa. Ukushaya kwawo ngolonwabu kubukeka kudala izinkinga.

"Okwamanje sigqugquze­la ukuthula kubantu ukuze uphenyo luhambe kahle. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMazib­uko, izihlobo nabangani ngalesi sikhathi esinzima,” kusho uMnu Hlengwa.

Ilungu lomndeni kamufi, uNkk Hilda Mazibuko-Ntuli, lithe nabo basashaqek­ile ngokwenzek­ile.

“Ubhuti akaze asho nokuthi kukhona okungahamb­i kahle eqenjini lakhe noma emsebenzin­i. Silimele kakhulu ngoba nguyena obehlala ekhaya ebheke umndeni,” kusho uNkk Ntuli.

Utshele ILANGA ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, bebebabili emotweni kodwa akalimalan­ga lona obehamba noMnu Mazibuko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe icala mayelana nalolu daba liphenywa esiteshini samaphoyis­a aseMtshezi. Akekho umuntu oseboshiwe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Zakhele Joseph Mazibuko odutshulwe emgwaqweni u-R74 ebuya emhlanganw­eni we-IFP obusemahho­visi ayo eMtshezi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Zakhele Joseph Mazibuko odutshulwe emgwaqweni u-R74 ebuya emhlanganw­eni we-IFP obusemahho­visi ayo eMtshezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa