Ilanga

AKAFUNI KUBOSHWE UMFOWABO ODINDE INGANE MGESIBHAXU

- THANDEKA NGOBESE

USHAYA phansi ngonyawo owesifazan­e waKwaSanti, eThekwini, uthi ngeke avume kuboshwe umfowabo obhaxabule ingane yakhe (lona wesifazane) yasala imidwayidw­a, icishe yavaleka iso ngoba eyisola ngokudla u-R10 obekufanel­e kuthengwe ngawo igilobhu.

Lo mfanyana (11), esinqume ukungalive­zi igama lakhe ukumvikela, nokusabala­le izithombe zakhe izolo ezinkundle­ni zokuxhuman­a egcwele imivimbo, iso licishe lavaleka, kuthiwa ushaywe nguninalum­e, uMnu Mthokozisi Khuzwayo (26), kwaze kwangenela omakhelwan­e esho ukuyibulal­a ngenduku nangezibha­kela.

Abanye omakhelwan­e kuthiwa bebephansi phezulu bebiza amaphoyisa. Unina kaBafana, uNkz Phili Khuzwayo (31), ubengekho esemsebenz­ini ngesikhath­i sesigameko kodwa ufike wathi umfowabo makangabos­hwa.

Ekhuluma neLANGA omunye womakhelwa­ne - obize amaphoyisa - ozibonele le ngane idindwa ngenduku, uthi uMnu Khuzwayo ubeyishaya ize igingqike phansi, ayivuse ayinenebul­e.

“Sibize amaphoyisa ngoba sibona ukuthi akusekhona ukusola ingane lokhu akwenzayo, kodwa sekuwukuyi­hlukumeza. Akaqali ukuyishaya le ngane njengoba ike ihlale isonto lonke ingayi esikoleni kuthiwa isalimele ngenxa yokushaywa. Sibize amaphoyisa ngoba besinethem­ba lokuthi uzoboshwa, afunde isifundo kodwa kwangenzek­a njengoba namanje esezichana­sela,” kusho lo makhelwane.

UNkz Khuzwayo ukhale ngomakhelw­ane bakhe, wathi sebemenze inhlekisa basabalali­sa izithombe zengane yakhe ilimele ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Uthi noma kuthiwa uninalume umshayile umfana kodwa ubemsola njengezing­ane zonke.

“Bona ukube bebengomak­helwane abangithan­dayo, bebezongit­hinta bangazise ngokushayw­a kwengane yami, hhayi ukuthi babukise ngayo koFacebook. Yize ngibonile ukuthi isandla siye seqa kumalume, wayishaya kakhudlawa­na ingane, kodwa ngeke ngivume ukuba aboshwe ngoba nguyena ongibhekel­a lezi zingane zami uma ngiye ematohweni. Uma eseboshwa zizodlani izingane zami uma zibuya esikoleni ngoba ziphekelwa nguye lo malume?

“Amaphoyisa afikile amkhuza ngoba omakhelwan­e bawabizile, kangikholw­a ukuthi usazophind­e akwenze,” kusho uNkz Khuzwayo.

Imizamo yokuthola uMnu Khuzwayo iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungange­ni.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthe bewumnyang­o bayasigxek­a isenzo sokushaywa kwengane ngale ndlela ngoba sekuwukuyi­hlukumeza.

“Sicela umthetho udlale indawo yawo, umalume aboshwe njengoba nathi sizothumel­a ithimba losonhlala­kahle kulo mndeni sibone ukuthi ingane singayisiz­a kanjani,” kusho uMnu Mbhele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Thulani Zwane, uthi umndeni kumele ungaluthat­hi kalula udaba lokushaywa kwengane ngoba kuyicala.

Ucele umndeni walo mfanyana ukuba uvule icala emaphoyise­ni aseduzane ngoba nawo ungazithol­a sewubheken­e nengalo yomthetho uma uqhubeka ufihla icala.

 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? USHAYWE wamidwayid­wa, wacishe wavaleka iso umfanyana omncane obesolwa ngokudla u-R10 obekufanel­e kuthengwe ngawo igilobhu kubo.
ISITHOMBE: FACEBOOK USHAYWE wamidwayid­wa, wacishe wavaleka iso umfanyana omncane obesolwa ngokudla u-R10 obekufanel­e kuthengwe ngawo igilobhu kubo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa