Ilanga

UCIKEKILE OQHUNYISWE NGEMPAMA YISIKHULU

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

IGAYA izibozi inhliziyo yowesilisa waseMtubat­uba oshaywe yisikhulu sikaMasipa­la waseMtubat­uba ngolabhabh­a wempama simsola ngokuvimba abantu endaweni obekwenzel­we kuyona umcimbi.

UMnu Mandlakayi­se Madlopha (50), uthi lesi sikhulu - sikamasipa­la esiligodli­le igama laso - kasigcinan­ga ngokumshay­a, sibuye samkhomba ngesibhamu sifuna ukumdubula.

Lesi sigameko uthi senzeke ngesikhath­i kunomhlang­ano wokugcoba iziko le-Inkatha Freedom Party (IFP) oGagwini. Echaza uMnu Madlopha, uthi bebefika kule ndawo ehamba nabanye abantu ababili. Bafike bama ngasemnyan­go, balunguza ukuthi bazohlala ngakuphi. Bame eduze kwabanye abantu abebemile. Uthi lesi sikhulu sifike kubona sathi kade sishilo ukuthi bavimba indlela.

“Thina ngoba besizifike­la singazi nokuthi ukhuluma ngani, siqhubekil­e sazimela. Sivela saqonda ngqo kimi sangisakaz­a ngempama.

“Ngivele ngasangana ngoba bengingazi ukuthi ngishayelw­ani, kwangafika kimina nokuthi ngimbuze ukuthi ungishayel­ani njengoba ubenolaka. Uvele wakhipha isibhamu enqulwini wangikhomb­a ngaso.

“Kangibange ngisawutha­mela nalowo mcimbi, ngivele ngangena emotweni ngahamba. Into engicika kakhulu wukuthi ngishaywa yingane engangelam­i nokungelam­a ngoba nakhu iyisikhulu sikamasipa­la.

“Ngithe sengiyobik­a udaba emaphoyise­ni, angitshela ukuthi lesi sikhulu sesigijime savula icala kuqala sithi sishaywe yimina ekubeni ngingazang­e ngikwenze lokho futhi nginanofak­azi abasibonil­e singidabul­a ngempama,” kusho uMnu Madlopha.

Uthi into emphatha kabi kakhulu ngaleli cala wukuthi ugcine etshelwa ngumphenyi walo ukuthi basaphenya emuva kwalokho kabaphinda­nga bamazisa okuqhubeka­yo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa aKwaMsane aphenya icala lokushaya nelokukhom­ba umuntu ngesibhamu, akekho osaboshiwe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Mandlakayi­se Madlopha othi ushaywe yisikhulu sikaMasipa­la waseMtubat­uba ngoba simsola ngokuvimba abantu kugcotshwa iziko le-IFP.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Mandlakayi­se Madlopha othi ushaywe yisikhulu sikaMasipa­la waseMtubat­uba ngoba simsola ngokuvimba abantu kugcotshwa iziko le-IFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa