Sitholwe sesonakele isidumbu sikathisha
Wanyamalala kade eyoyalela umngani umuzi wenyanga
SITHOLAKALE no-R5 000 sesingamathambo isidumbu sikathisha waseKuhlehleni Primary School, kwesakwaMathenjwa, eNgwavuma, onyamalale mhla ka-15 kuNdasa (March) nonyaka eyohlangana nomngani wakhe okuthiwa ubezomyalela umuzi wenyanga yaseMozambique ebizomqinisa ngoba engazizwa kahle emzimbeni.
Isidumbu sikaMnu Xolani “Malema” Mathenjwa sitholwe ngoLwesine enxiweni eliphakathi ehlathini laKwaMboyi, elisendaweni engasemingceleni emithathu, okungowaseMozambique, owaseSwaziland nowaseNingizimu Afrika, zikhona zonke cishe zinto ezibalulekile.
Sitholakala nje, umphakathi waseKuhlehleni ubusuthungathe emahlathini azungeze isizwe sakwaMathenjwa nakuyo yonke imigede esolisayo. Sigcine sitholwe nguMnu Sipho Mathenjwa obambe itoho lokubumba izitini emfuleni uSuthu.
Kubikwa ukuthi bekuyisikhathi sekhefu ngesikhathi efikelwa wumuzwa wokwelula izinyawo. Uhambe waze wafika kuleli nxiwa kanti uzozithela phezu kwesidumbu.
Uhlabe umkhosi, kwathintwa abomndeni ukuba bayohlonza ukuthi ngesakhe ngempela yini uMalema. Isidumbu kuthiwa sitholwe singenazo izinkomba zokucwiywa nezokubhilwa - okuwumkhuba ovamile kulezi zindawo.
Abazibonele isimo isidumbu ebesikusona, bathi ikhanda beseliqala ukuhlukana nesidumbu ngenxa yokubola. Bathi kubonakale ngezimpahla aphume kubo ezigqokile ukuthi nguyena, bekukhona amakhadi asebhange, u-R5 000 newashi esihlakaleni sangakwesokunxele.
Lesi sigameko sishaqise abaningi emphakathini njengoba sisukumise ngisho indlunkulu yesizwe sakwaMathenjwa.
UMnu Mswati Mathenjwa okhulumela ubukhosi bakwaMathenjwa, uthe indlunkulu ishaqekile ngokutholakala kwesidumbu kule ndawo obekugqigqa kuyona amalungu omphaka- thi namaphoyisa kuthungathwa umufi kodwa lutho ukumthola.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA sekukaningi libika ngodaba lokulahleka kukaMnu Mathenjwa.
Libike mayelana nokushiswa kwesithabathaba somuzi namakotishi kaMnu Roman Mathenjwa ongomunye wabantu umphakathi obumsola ngokunyamalala kukamufi.
Ngaphezu kwalokho, kuphume isidumbu selungu lomphakathi ngesikhathi itholene phezulu phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyisa abelekelelwa ngamasosha abizwe ngemuva kokuba umphakathi utalabhe amaphoyisa, aqhunyiswa ngezimpama ephucwa nezibhamu ezinye zazo okubikwa ukuthi azikatholakali.
Namanje sisashubile isimo kule ndawo njengoba isihlala igadwe ngamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Thembeka Mbhele, uthe isidumbu sizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi yini imbangela yokufa kukaMnu Mathenjwa.