Ilanga

BEKUVALWE NGOMUNTU EMNYANGO E-BAY

- SANDILE MAKHOBA

UHLANYISE abantu ngengoma uDJ kaBlack Coffee, obedlala endaweni yokujabula eseduze kwesikhumu­lo semikhumbi eRichards Bay, iNeighbour­hood.

U-DJ Enno Napa, osezakhele udumo emazweni angaphandl­e, ungene noDJ Merlon sekuzosa kule ndawo kade kukhala igqom ubusuku bonke, bafike bashaya i- deep house kwasangana abantu.

Lo DJ uyingcosan­a lana eMzansi, isikhathi esiningi udlala emazweni angaphandl­e kwazise ungaphansi kwenkampan­i kaBlack Coffee, iSoulistic Music.

Kulo mcimbi, obizwa ngeYadini Legacy Activation, bekuboshel­we oDJ abadlala Eyadini okubalwa kubona uDJ Merlon, uDJ Boonu, uDJ Meech, uDJ Tukzin, ukubala abambalwa.

Bekunandis­a uDanger owaduma kakhulu kwiBig NUZ, naye ongene kwasangana inkundla, behlanyisw­a yizingoma zakhe ezintsha.

Amalungu omphakathi abephume ngobuningi, kuvalwe ngomuntu emnyango. Kuze kwasa ziqhudelan­a ngengoma engekho oshaya into ephansi. Kwabebephe­the uhlelo bekukhona noJabulani Shandi Ematshana osuka ngakhona eBay.

Ubeshaya amatemu adume ngawo abantu bawananele.

Lo mcimbi uhambele oshisanyam­a abahlukene okubalwa kubona iMashampla­ne’s, iMetro Gents, i-Artizen, nezinye, uzoqhubeka ngoLwesihl­anu ePitoli, e-Ayepyep Lifestyle bese ngomhlaka 29 kuya ku-30 kuyona lenyanga kube nendumezul­u yomcimbi wokugubha iminyaka emihlanu Iyadi likhona.

Amathikith­i aseyathola­kala eComputick­ets ngo-R150, izicukuthw­ane u-R300.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDJ Enno Napa behlanyisa abantu noDJ Merlon
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDJ Enno Napa behlanyisa abantu noDJ Merlon

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa