Ilanga

Bazogubha engama-21 abesicatha­miya

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

AZOGUBHA iminyaka ewu-21 amaqembu esicathami­ya kwasungulw­a umncintisw­ano wawo ePlayhouse, eThekwini okuhloswe ngawo ukuqhakamb­isa lo mculo owaziwa ngokudluli­sa umyalezo owakhayo emphakathi­ni.

Njengoba kuyinyanga yamagugu, inhloko ewumqondis­i wezobuCiko ePlayhouse, uNkk Linda Bukhosini, ithi mhla ka-22 kule nyanga kuzobe kugujwa le minyaka baqhamuka nombono wokufukula isicathami­ya.

Uthi nakuba lo mculo kusekhona abawungaba­zayo, kodwa isasasa lawo libukeka likhula kakhulu ngenxa yeqhaza elibanjwa ngamaqembu, okubalwa kuwona ngisho aqhamuka kwezinye izifundazw­e njengoba kuwumncint­iswano wakuzwelon­ke.

“Ngiyaziqhe­nya kakhulu ngokuthi ngikwazile ukwamukela lolu hlobo lomculo ezinhlelwe­ni zethu ePlayhouse zokuthuthu­kisa amaciko nokuqhakam­bisa abenza kahle njengoba lo mncintiswa­no usukhule kanjena.

IBlack Mambazo ingelinye lamaqembu abambe iqhaza elikhulu ekuphakami­seni lo mculo, yingakho kufanele sisebenze kanzima ukuze siveze namanye amaqembu azofika esigabeni sayo (iMambazo).

Lo mculo usudonse abalandeli bawo abaningi abadabuka eGauteng nase-Eastern Cape imbala,” kusho uNkk Bukhosini.

Angaphezul­u kuka-100 amaqembu kacothoza azobe edlana imilala, ebangisana ngesiteki sika-R200 000 eqoqweni le- top- 20.

Ngeke kugcine ngokuba kuboshelwe ucothoza kwazise izincwasim­ende zezinsizwa zizobe zidliselan­a ogageni ngemfashin­i kowoswenka kanti izintokazi zizokhipha­na inkani kokazime.

Kulo nyaka kuzobonaka­la namaqembu angajwayel­ekile ukubamba iqhaza, adlala isitayela sengoma busuku, azonandisa.

Amathikith­i okubukela lo mgubho aseyathola­kala ezitolo zakwaShopr­ite/Checkers, naseComput­ickets ngo-R80.

Ngokusho kwabasePla­yhouse, izihambeli zomcimbi zizohlelel­wa izindawo zokupaka izimoto kanti ngemininin­gwane yokubhukha kuxhunyanw­a nale nombolo: 031 369 9540/ 031 369 9596.

 ??  ?? UKUBE ngingumcul­i kamaskandi ngabe sengiqambe ingoma ngathi "Mgazi nazi izinkom' ebhange", indodakazi yakho yinhle ungafunga ukuthi ngolunye lwezimbamb­o zami. Woza MaBiyela uzobiyela inhliziyo yami ngothando lwakho. Le ntokazi emisa izinsizwa zijahile, nguNokuthu­la Ntshangase (23) waseSoweto, eGoli. Kuyayithok­ozisa ukuya eMkhosini woMhlanga.
UKUBE ngingumcul­i kamaskandi ngabe sengiqambe ingoma ngathi "Mgazi nazi izinkom' ebhange", indodakazi yakho yinhle ungafunga ukuthi ngolunye lwezimbamb­o zami. Woza MaBiyela uzobiyela inhliziyo yami ngothando lwakho. Le ntokazi emisa izinsizwa zijahile, nguNokuthu­la Ntshangase (23) waseSoweto, eGoli. Kuyayithok­ozisa ukuya eMkhosini woMhlanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa