Ilanga

ITheku liphambili ngokushaye­la kabi

Ucwaningo lukhombisa ukuthi imigwaqo yakuleli iyingozi kakhulu

- INTATHELI YELANGA

KONAKELE emigwaqwen­i yeTheku njengoba ucwaningo lwenkampan­i yomshwalen­se, iDiscovery, olubizwa ngeRoad to Healthier South Africa - olusabalal­e ngeledlule - luveza ukuthi abashayeli bakhona bashayela kabi ukwedlula abakuwona wonke amadolobha aseNingizi­mu Afrika.

Kuvela ukuthi iningi labo lisuka ngesivinin­i kanti lima ngokuphazi­ma kweso uma libhuleka.

Lolu cwaningo luveza ukuthi imigwaqo yaseNingiz­imu Afrika ibalwa neyingozi kakhulu emhlabeni jikelele, kufa abantu abawu22.5% kwabawu-100 000.

Abashayeli baseThekwi­ni balandelwa ngabasePre­toria nabaseGoli ngokushaye­la kabi. Kuvela ukuthi iPort Elizabeth neBloemfon­tein ngamadolob­ha asendaweni yesibili neyesithat­hu kwahamba phambili ngokuba nabashayel­i abashayela kahle.

AbaseCape Town kuthiwa kabavamile ukushayela besebenzis­a umakhalekh­ukhwini, kodwa-ke balandela iBloemfont­ein ngokuba nabashayel­i abakhonze ukushayela ebusuku.

EGoli kuthiwa kabakukhon­zile ukushayela ebusuku, ikakhuluka­zi uma kuthiwa imigwaqo kayiphephi­le. Lo mbiko uveza nokuthi abesifazan­e abaneminya­ka ewu-66 kuya phezulu, bashayela kahle kakhulu eNingizimu Afrika kanti kwabesilis­a abaphakath­i kuka-1825, kuyabhujwa.

USolwazi Sebastian vas As, oyinhloko yophiko olusebenza ngokuhluku­mezeka ngokomqond­o kwiRed Cross War Memorial Children’s Hospital, uthi ukushintsh­a indlela abantu abashayela ngayo yikhona okungabasi­za ukuba baphephe emigwaqwen­i.

“Ngisho kungayiwap­hi kuyiwephi, kodwa konke kuya eqinisweni elithi cishe u-90% wezingozi zomgwaqo udalwa ngabantu abashayela kabi - iphela lapho nje le ndaba,” kusho uMnu Van As kulo mbiko wakwa-Old Mutual.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ARRIVE ALIVE ?? KUBIKWA ukuthi iTheku lihamba phambili ngokushaye­la kabi, okuyinto eholela ezingozini.
ISITHOMBE NGABE: ARRIVE ALIVE KUBIKWA ukuthi iTheku lihamba phambili ngokushaye­la kabi, okuyinto eholela ezingozini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa