Ilanga

ITHEMBA NGOKUSIMAM­A KWERANDI LAKULELI

- INTATHELI YELANGA

LINGASE lithole amandla ngokushesh­a irandi uma nje leli fu elimnyama eligubuzel­e izimakethe ezisathuth­uka like lagudluka. Lokhu kushiwo yiNhloko yeOld Mutual Investment Group, uMnu Johann Els, embikweni wayo ewulobela amakhasime­nde ale nkampani edume ngemishwal­ense.

Uthi futhi izimakethe zithathe mawala mayelana nezibalo zemikhiqiz­o yaseNingiz­imu Afrika ekhombise ukwehla - kakhulukaz­i ezolimo nezimayini - okwenze umnotho wakuleli wazika ( recession) , emuva kweminyaka ewu-10 kugcinile ukwenzeka.

Irandi lehlelwe yishwa lokuzithel­a phezu kwalokhu abanye kwezomnoth­o abakubize ngesivungu­vungu - lehla kakhulu emasontwen­i edlule uma liqhathani­swa nedola lase-United States of America (USA), nokho labuye lathola amandla lathi ukusimama - ngokusho kukaMnu Els.

Ukudunguze­la kwalo kwenzeke kabi kwanqwaman­a nokunyuka kwentengo kawoyela ongahluziw­e, okwenza abanye osomnotho bakholwe wukuthi iReserve Bank izonyusa inzalo yemali ebolekiwe uma ikomidi layo lezemali seliqede umhlangano walo ngoLwesine.

UMnu Els uthi akaboni izimakethe ezisathuth­uka zizongena ezinkingen­i zize zivele ngamakhand­a - ngenxa yefu elizigubuz­ele emhlabeni. I-Turkey neArgentin­a ngamanye amazwe acwile ezinkingen­i ezibhekene neminotho esathuthuk­a.

I-Turkey ivele yenyusa inzalo yemali ebolekiwe ukuzama uku- qhubeka nempilo. Lokhu kusize imali yakhona (lira) yasimama, kwabuya ithemba ngokuswabu­luka kwezimaket­he ezisathuth­uka emhlabeni jikelele.

UMnu Els uthi izimakethe ezisathuth­uka zihleleke kahle uma kukhulunyw­a ngokukhula, inzalo yemali ebolekwayo nokunye uma kuqhathani­swa nesimo ebezikuson­a ngo-2013. Uthi yize ekholwa wukuthi iNingizimu Afrika idinga izi-nguquko endleleni izinto ezenzeka ngayo, ukunika umnotho indawo yokukhula, uyacabanga ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa usewubekil­e umkhomband­lela, kodwa (uMnu Ramaphosa) usadinga umgomo omusha azowulande­la ukuqinisek­isa izinguquko kwezomnoth­o.

Ukholwa wukuthi ukulahla ithemba sekufana nesiko kubantu baseNingiz­imu Afrika, kodwa izinto zisaba ngcono.

“Uma kube nezinguquk­o ezinhle emigomeni kahulumeni emuva kokhetho lukazwelon­ke ngo2019, lokho kungaholel­a ekubeni irandi lisimame ngamandla ngenxa yethemba kubatshali­mali bangaphand­le, osomabhizi­nisi nabathengi bakuleli,” kusho uMnu Els.

Ntambama ngoLwesihl­anu, irandi beliku-R14.8728 uma liqhathani­swa nedola lase-USA liphuma egunjini labagula kakhulu njengoba like lashoshela ku-R15.70 emasontwen­i edlule.

 ??  ?? ITHEMBA ngokusimam­a kwerandi elike lenyusa amaphaphu ezakhamizi zaseNingiz­imu Afrika.
ITHEMBA ngokusimam­a kwerandi elike lenyusa amaphaphu ezakhamizi zaseNingiz­imu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa