OWASE-KENYA UPHULE IREKHODI LEMARATHON
U-ELIUD Kipchoge waseKenya, ubeke irekhodi elisha lomhlaba leMarathon ngesikhathi ecisha u-2:02:57 kaDennis Kimetto onguzakwabo ebeka u-2:01:39 izolo ngeSonto ekuseni kwiBMW Berlin Marathon eGermany.
UKipchoge uye kulo mjaho vele eyimfivilithi kwazise nguyena kuphela obenesikhathi esisheshayo kunabanye abebebambe iqhaza kulo mjaho u-2:03:05 awenze ngo2016 kwiLondon Marathon.
Lo msubathi uye kulo mjaho engunombolo 3 emhlabeni ngesikhathi sakhe asenze ngo-2015 elandela uKenesisa Bekele waseEthiopia ono-2:03:03 awenze kuwo lo mjaho ngo-2016.
Kulo mjaho kubonakale kusasukwa ukuthi lizohamba irekhodi njengoba bedlule kwikhilomitha lokuqala ngo-2:43 kanti wonke amakhilomitha enziwe ngaphansi kwemizuzu emithathu. Okuphawulekayo ngeBerlin Marathon wukuthi izikhathi ezingu-8 ezisheshayo kwiMarathon zenziwe kuyo.
Abasubathi baseKenya benze kahle kakhulu kulo mjaho njengoba nakwabesifazane ingqwele kube nguGladys Cherono, owenze isikhathi esingu-2:18:11.
Khona manjalo, inhlangano eyengamele ukuhlolwa igazi kubadlali emhlabeni, iWada (World Anti-Doping Agency), imemezele ukuthi izosihoxisa isigwebo esibekwe abasubathi baseRussia.
IRussia imisiwe kwezokugijima emhlabeni kusuka ngo-2015 kulandela ukusolwa kwayo ngokusebenzisa kwayo izikhuthazi mzimba ezingagunyaziwe kwezemidlalo.
IRussia ayikwazanga ukuba yingxenye yama-Olympic Game ngo-2016, kanti ibingekho nakumaCommonwealth Game abesekuqaleni konyaka e-Australia.
IWada kuthiwa izohlangana ngoLwesine lapho izomemezela ukuthi iRussia isingaqhubeka ibambe iqhaza kwezemidlalo.
* Isiyonke imiphumela yeBMW Berlin Marathon ihambe kanje, kwabesilisa: 1.Eliud Kipchoge (KEN) 2:01:39, 2.Amos Kipruto (KEN) 2:06:23, 3.Wilson Kipsang (KEN) 2:06:48, 4.Shogo Nakamura (JPN) 2:08:16, 5.Zersenay Tadese (ERI) 2:08:46.
Eyabesifazane: 1.Gladys Cherono (KEN) 2:18:11; 2.Ruti Aga (ETH) 2:18:34; 3. Tirunesh Dibaba (ETH) 2:18:55; 4.Edna Kiplagat (KEN) 2:21:18; 5.Mizuki Matsuda (JPN) 2:22:23
* Eye-Alan Paton Steam Train Race 10km kwabesilisa: 1.Nkosikhona Mhlakwana (Boxer) 32:17; 2.Maradonna Ngcobo (Hollywood) 32:28; 3.Nkululeko Ngubane (Ixopo) 33:28. Ku-35 kuya ku-39: 1.Sipho Ngxongo (Ulundi) 36:09. Ku-40 kuya ku-49: 1.Simphiwe Zulu (Hollywood Bets) 34:11. Ku-50 kuya ku-59: 1.Michael Ndlovu (Zakhele) 38:34. Ku-60 kuya ku-69: 1.Reuben Gema (Ixopo) 51:47.
Ku-70 kuya phezulu: 1.Zithulele Zulu (Amaqhawe) 60:05. Kumajuniya: 1.Mphilli Mtolo (Ixopo) 38:18. Kwabesifazane, esigabeni esivulelekile: 1.Jenet Mbhele (Umzimkulu) 36:50; 2.Makhosi Mhlongo (Boxer) 38:36; 3.Malineo Makatisi (Nedbank) 39:06. Ku-35 kuya ku-39: 1.Makhosi Mhlongo (Boxer) 38:36. Ku-40 kuya ku-49: 1.Cecelia Molefe (Chiltern) 44:08. Ku-50 kuya ku-59: 1.Mary Mwelase (Nedbank) 49:09. Ku-60 kuya ku-69: 1.Pat Fischer (Stella) 57:15. Kumajuniya: 1.Smangaliso Madlala (Umzimkulu) 42:41.
* EyeQueensburgh Minishift 15km ihambe kanje, kwabesilisa: 1.Mahanga Mbuleli (Inanda Qadi) 47:17; 2.Samuel Pazanga (Maxed Elite) 49:31; 3.Wiseman Mthembu (Amabutho) 49:45. Ku-35 kuya ku-39: 1.Delani Mkhize (Phantane) 51:25. Ku-40 kuya ku-49: 1.Simphiwe Zulu (Hollywood Bets) 53:53. Ku-50 kuya ku-59: 1.Willie Majombozi (Boxer) 66:13. Ku-60 kuya ku-69: 1.Aubrey Roberts (Westville) 66:42. Ku-70 kuya phezulu: 1.Raymond Meyer (Savages) 93:16. Kumajuniya: 1.Wiseman Mthembu (Amabutho) 49:45.
Kwabesifazane: 1.Melody Olivier (PDAC) 69:43; 2.Nonsikelelo Mbambo (Natal Carbineers) 72:15; 3.Lesley Mayer (Chiltern) 76:08. Ku-35 kuya ku-39: 1.Sindy Kirsten (Westville) 77:22. Ku-40 kuya ku-49: 1.Melody Olivier (PDAC) 69:43. Ku-50 kuya ku-59: 1.Roshini Natasen (Highway) 79:47. Ku-60 kuya ku-69: 1.Sheree Kirsten (Westville) 88:00. Ku-70 kuya phezulu: 1.Gill Tregenna (Westville) 93:57. Kumajuniya: 1. Marizelle J. van Rensburg (Toti) 105:14.
Ku-15km kwabahambayo, kwabesilisa: 1.Vakani Mdunge (Savages) 1:19:25. Kwabesifazane: 1.Belinda Hope (Team Vitality) 1:49:25.