I-REAL KINGS ILINDE ISINQUMO NGOKUBUYELA EKHAYA
IREAL Kings egijima kwiNational First Division (NFD) ingase ibuyele ekhaya njengoba kuvela ukuthi isifake isicelo kwiPremier Soccer League (PSL), sokugijima imidlalo yayo yasekhaya eHammarsdale Stadium, eMpumalanga.
IKings yaseMophela, inyukele kulesi sigaba kumasizini ambalwa edlule. Izame ukugijima imidlalo yayo yasekhaya eHammarsdale Stadium, kodwa yachi-thwa ngenxa yokuthi le nkundla ibingekho esimweni.
Igcine isidlalela eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont naseKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
Emuva kokuba ngeledlule iHammardale isingathe imidlalo yeMulti Choice Diski Challenge (MDC), kube nesikhalo kubathandi bebhola bakhona bebuza ukuthi kungani iKings ingagijimi imidlalo yayo yasekhaya kule nkundla.
Kuvela ukuthi iKings isifake isicelo kwiPSL sokuba ibuyisele imidlalo kule nkundla eyikhaya kuyo. Lezi zindaba ziqinisekiswe nguPhilani Majola, ongumqondisi wale kilabhu.
UMajola uthi sebeyibhalele iPSL emuva kokubona kugijinywa imidlalo yeMDC kule nkundla ngeledlule. Uthi bathukile uma beyibona ikulesiya simo kwazise iPSL ibibachithile.
Uthi bazozama ngawo wonke amandla ukubuyisela imidlalo yayo yasekhaya kule nkundla ngoba bayabona ukuthi abantu baseHammardale balilambele ibhola.
IKings bekufanele igijime umdlalo weligi noThongathi FC izolo ngoMgqibelo ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kodwa wahoxiswa ngenxa yokubulawa kwesikhulu soThongathi, uNicholus “Nico” Gumede (Mkhize), ofihlwe izolo ngeSonto eBhamshela. IKings isizoze igijime umdlalo wayo olandelayo ngelizayo neTS Galaxy.