SEZIQEDIWE IZIKWELETU ZE-SWALLOWS
SEZIQEDIWE izikweletu ebezihleli emahlombe eSwallows FC egijima kwiSouth African Football Association (Safa) Gauteng ABC Motsepe League.
Lokhu kudalulwe nguPanyaza Lesufi ohola ithimba elisemkhankasweni wokuvusa iMoroka Swallows, esisemabhukwini omlando kwi-Absa premiership.
ULesufi ubehambele imidlalo kazwelonke yeDanone Nations U/12 ngoMgqibelo eDobsonville Stadium, eSoweto. ULesufi uthi uyaziqhenya ngomsebenzi asewenzile wokuzama ukuvusa le kilabhu. Uthi le kilabhu ibikweleta u-R200 million osukhokhiwe.
“Kumanje iSwallows iphethwe ngabantu abangu-4000 baseNingizimu Afrika. Ayisekho le nto yokuthi ikilabhu iphathwe eGermany, eCape Town nalapha eGoli.
"Sinekilabhu edlala kwiSAB League, e-East Rand, nale edlala kwiMotsepe. Angisajahile ukuthenga ikilabhu edlala kwiPremiership. Ngigwema le nto yokuthi ikilabhu iphilele ukunyuka bese idliwa yizembe. Sifuna ukunyuka sesazi ukuthi siyozinza kwiPremiership.
"Nokho-ke ikhona ikilabhu esixoxa nayo kwiNational First Division. Abaphathi bayo bathe abasenayo imali yokuphatha ikilabhu edlala kulesi sigaba. Abalandeli bethu mabalinde, uma sekuphothulwe konke ngokudayiselana, sizobazisa,” kusho uLesufi ongungqongqoshe wezemfundo eGauteng.
Uthi unethemba lokuthi iSwallows izoqhubeka nokwenza kahle kwiNedbank Cup. Uthe udumele ngokunganqobi kweZamukhanyo Primary ebimele uGauteng kwiDanone. Nokho-ke uphumele obala ngokujabulela iNomlinganiselo yaseWestern Cape edle ubhedu kule midlalo.
Sifuna ukunyuka sesazi ukuthi vele sesiyozinza kwiPremiership.