Ilanga

UMQEQESHI USOLWA NGOKUBA YIGWALA

- SENZO SOKHELA

USOLWE ngokuba yigwala umqeqeshi weMaritzbu­rg United, ezakhe zibambana ngo-0-0 neBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola kwazise bekubheken­e ikilabhu ephansi emsileni we- log neqhwakele.

Nokho awuzange ufike ezingeni ebelilinde­lwe njengoba kuvele kwabhoka indlala yamagoli. Nabalandel­i bebeyingco­sana kanti kuyaziwa ukuthi iMaritzbur­g uma idlalela ekhaya, iheha inqwaba yezibukeli.

UGavin Hunt ocija iWits, uwuqondise kuFadlu Davids umunwe wathi ube yigwala yingakho amagoli engazange abonakale.

“Sibe nomdlalo omuhle, sikho- mbise zisuka ukuthi sifuna ukuwunqoba lo mdlalo sihlasela. Kodwa-ke kube nzima ngoba besidlala nekilabhu esebenzise amasu obugwala.

"IMaritzbur­g bekungathi iyona ehambile iqale umdlalo ngabadlali basemuva abayisihla­nu. Ngiphoxe-kile, bengithi sizoziyeka zibulala-ne, kodwa akwangenze­ka. Akuse-nani sijabule ngephuzu esilitholi­le,” kusho uHunt.

UDavids uthi ujabule ngephuzu abalitholi­le.

“IWits akusilona iqembu ongavele ulizele nje noma yikanjani, kufanele ucabange uma uzobhekana nayo. Okokuqala nje isefomini kulezi zinsuku, iyasidedel­a isibhaxu. Besingawun­qoba lo mdlalo siwatholil­e amathuba sangawaseb­enzisa. Ngijabule ngephuzu esilitholi­le kungcono kunokungat­holi lutho,” kusho uDavids.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa