Ilanga

Kubanjwe umoya ngomdlali

Abazimisel­e ukwehlulwa ekhaya

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

IBAMBE umoya iRichards Bay FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD), ngomdlali wayo omqoka emboleke kwi-Orlando Pirates okuvela ukuthi uke wangajima ngenxa yokuxinwa wumkhuhlan­e.

IBay izobhekana neCape Umoya United koweNFD namuhla ngoMsombul­uko ngo-15h00 eCape Town Stadium. IBay iya kulo mdlalo nje, ziyihambel­a kahle izinto njengoba ingakaze yehlulwe selokhu kuqale iligi. Emidlalwen­i emithathu inqobe emibili, yadlala ngokulinga­na kowodwa.

Ibhekene neCape Umoya nayo engakahlul­wa futhi engakanqob­i mdlalo selokhu kuqale isizini. Isayidlale ngokulinga­na yomithathu imidlalo esayigijim­ile. USifiso “Jomo” Biyela ongusihlal­o weBay, utshele leli phephandab­a ukuthi babambe umoya ngoSandile Mthethwa odlala emuva okuthiwa umiswe kabi wumkhuhlan­e.

“Amalungise­lelo alo mdlalo ahambe kahle, yikhona nje ukuthi sike saphazamis­eka njengoba bekugula uMthethwa obexinwe wumkhuhlan­e. Uke wangajima ngithi izinsuku ezintathu ngenxa yokuxineka.

"Ujimile ngoLwesihl­anu kodwa kasazi noma uzobe esewulunge­le yini umdlalo,” kusho uBiyela.

Uthi ngeke bayithatha kancane neze le kilabhu abazobheka­na nayo ngoba bangazifak­a engozini. “Njengoba bengakanqo­bi mdlalo nje, sikulindel­e ukuthi bazofuna ukuvuka ngathi. Ngabe senza iphutha elikhulu uma singababuk­ela phansi ngoba abadlali abebegijim­a ngabo kwiPremier­ship, iningi labo behle nabo kulesi sigaba.

"Siwulindel­e lo mdlalo futhi nekhefu leFifa ebesinalo silisebenz­ise ngendlela ukulungisa lapho obekungalu­ngile khona,” kusho uBiyela. URoger de Sa, ongumqeqes­hi weCape Umoya ophinde abe ngusihlalo wayo, uthi bayayihlon­ipha impela iBay, kodwa ngeke bakuvumele ukuthi ibehlulele ekhaya.

“Sizibekele umgomo wokuthi imidlalo yasekhaya kufanele singawalah­li nakancane amaphuzu. Selokhu kuqale isizini isabambe ngakho njengoba singakahlu­lwa, kodwa kufanele singakhohl­wa futhi wukuthi asikanqobi mdlalo.

"Lona yiwona okufanele siwunqobe sibe nesikhathi esanele ukuwulungi­selela,” kusho uDe Sa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa