Ilanga

Omunye umasikandi nokugula kukaMjikij­elwa

EKHASINI 5: Uphume esteji esexhakiwe

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UPHUME esexhakiwe esiteji umculi kamasikand­i ocishe wawela phambi kwezihlelw­e evukwa wukugula okushiye abantu benengekil­e abanye bebhocobel­e.

UMnikezwa Ngubane, ongumfowab­o kaSibongis­eni “Mjikijelwa" Ngubane, iChalaha likaShafuz­a (ongasekho) - ohambe ngokugula okufanayo nokuvuke uMnikezwa - usizwe ngozakwabo emcimbini obuKwaThay­ela, eNdwedwe, ngoMgqibel­o, engasakwaz­i ukuqhubeka nokucula.

Ngokuthola kweLANGA, ukugula kwakhe kuyafana nokukaMjik­ijelwa, oshone ngoNhlaba (May) ngoba naye uqalwe yisilonda ethangeni kwabe sekwehlela ezinyaweni.

Umthombo weLANGA osondelene kakhulu nalolu daba, uthi sekuphele izinyanga ezimbili uMnikezwa egula kodwa kufihliwe ngenxa yokuthi kunezindab­a eziningi ezilokhu ziphumela emphakathi­ni ezithinta umndeni wakwaNguba­ne.

“Ukugula kwakhe kubukeka kuzofana nalokhu obekupheth­e uMjikijelw­a ngoba waqala wakhala ngeqolo ethi kunento eshisayo uma egibele imoto kanti naye uMnikezwa yiso leso njengoba sekuya ngasezinya­weni, ekhomba nezibhobo.

“NgoNtulika­zi (July), uphathwe ngamathumb­a ethangeni kwaze kwavuleka isilonda okuze kube yimanje kawapholi njengoba eseqhinwa (esebanjwe) yizimbilap­hu, okuyinto efanayo nalena uMjikijelw­a ayekhala ngayo,” kusho umthombo.

UNkz Minenhle “Advocate” Ngubane oyimenenja yalo mculi, uthi bebekufihl­ile lokhu kugula ngoba bezitshela ukuthi yinto encane ezosheshe idlule.

“Lokhu kugula kumqale ekupheleni kukaNtulik­azi ebuya esitudiyo eyoqedela i-albhamu yakhe yeSimakwan­a sikaShafuz­a. Kube yinto encane eyibala, evele eqolo, kuthe kujika yamumila emlenzeni seyiyisilo­nda, kwagcina ngokuba angakwazi ukuhamba kahle. Sonke lesi sikhathi ubeziqinis­a nathi-ke safihla, kwazise sisanda kushonelwa ngubhuti (uMjikijelw­a) ekhaya, izwe lisasibhek­ile kakhulu,” kusho uNkz Ngubane.

Imizamo yokuthola yena ngqo uMnikezwa kayiphumel­elanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Kuzokhumbu­leka ukuthi uMjikijelw­a kuthiwa naye uqalwe wukugula uma eshayela imoto. Kuvele ukuthi ubekhala ngokukhath­ala.

Ukufa bekumqinis­a kakhulu uma ethi uyocula esitudiyo, kwavuvukal­a izinyawo wamilwa izilonda. NgoMbasa (April), ufike kwiMTN Masikandi Festival eCurries Fountain, eThekwini, ekhukhumel­e isisu edondoloze­la ngobhoko. Naye ugcine esephuma ebanjiwe, kanti ubevele efike ezihudula ngenxa yokugula.

 ?? ISITHOMBE:YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMCULI kamasikand­i uMnikezwa Ngubane osekubikwe ukugula kuye.
ISITHOMBE:YINQOLOBAN­E YELANGA UMCULI kamasikand­i uMnikezwa Ngubane osekubikwe ukugula kuye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa